UBONGA uxhaso aluthola emndenini wakhe uMzamo Lindoh Nxongo (26), ongumsakazi weZululand FM, okuyisiteshi somphakathi esizinze eMelmoth.
Le nsizwa yaseMthonjaneni khona eMelmoth, yenza izinhlelo ezimbili okukhona kuzona oluthi Hlangana Mhlathi olungena ngoMsombuluko kuya ngoMgqibelo ngo-2 kuze kube u-4 ekuseni.
Uphinde enze oluthi Umvumo wamaZayoni, olugxile emculweni wamaZayoni olungena ngeSonto ntambama kusuka ngo-2.30 kuze kube u-4.30.
Eqeda isikole ngo-2015 Obuka Senior Secondary eMpangeni, uMzamo wanikwa ithuba ezinhlelweni ezihlukene kulo msakazo.
“Akubanga lula ukuthola isikhala somsebenzi kulo msakazo. Kodwa ngazama ukungena kuwona kwaze kwaba kuyalunga. Nasekhaya banginika uxhaso oluyisimanga ikakhulukazi ubaba njengoba lo msebenzi wokusakaza ungajwayelekile, kodwa la ngaphumelela khona bathuka bonke babona ukuthi into ebengikhuluma ngayo isiyenzeka. Ukubongela ibhola ikhona okwangifaka kulo mkhakha njengoba ngikhule ngikuthanda. Ngezinye izikhathi ngangithola ithuba uma kunemidlalo eMelmoth la ngangimemezela khona ibhola,” kusho uMzamo.
Uthe akukho okuyomhlukanisa nomsakazo njengoba esaya kude yize elakuleli nasemhlabeni wonkana kusahlasele ubhubhane lweCovid-19, oselushiye imizi ivaliwe.
"Nathi sisazikhotha amanxeba ngomphathi wethu obesefana nobaba kithi uBhekisisa Ngcobo. Iziyalo nempatho yakhe kusenze sakhula kakhulu. Kubona bonke abasafuna ukusakaza bangalilahli ithemba, asebengenile emisakazweni bayibambe futhi babhekane nazo zonke izingqinamba kulo mkhakha. Empilweni ngifunde ukuthi akukho okuza kalula kodwa kuyabekezelwa,“ kuchaza yena.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]