UMA ufuna ukuzwa umculo ongasoze wabuna futhi ohambisana nephimbo elipholile, kuzofanele ulalele uhlelo lwaphakathi nezinsuku kwiZwi Lomzansi 98.0 FM kusukela ngo-9 ebusuku.
Kusuke kusakaza uThandeka "Dodoh" Ngongoma kodwa oseshadele kwaXaba. UDodoh (40), odabuka eTurton, eMthwalume, usakaza uhlelo oluthi Isitimela Sothando.
Ngaphandle komculo nephimbo, izihloko ezidingidwa ohlelweni ziyakufukula ngolwazi. Le ntokazi ithe seyineminyaka engaphezu kweyishumi iyibambile insimbi ishisa kulo msakazo, ohamba phambili eziteshini zomphakathi zaKwaZulu-Natal.
Esithatha esibeka ngempilo yakhe, uDodoh uthe ukhule eMalangeni futhi ufunde eMzinto Primary naseSecondary.
"Ngiqeda nje isikole vele sekunenkampani eyayisingilindile, ebizwa ngokuthi iFrame Textile, eyayifuna abantu abasha eyayizobaqeqesha.
Ingiqeqeshile inkampani ngaze ngagcina sengiyi-Quality Assurance. Yebo, yayingiphethe kahle futhi ngihola kahle kodwa kwakungesiyona into engabe ngiyifuna."
Uthe okwenza wasebenza kule nkampani wukuthi wayefuna ukujabulisa abazali bakhe nabo ababesebenza khona.
"Ngakho amathuba ayevuleleka kakhulu ezinganeni abazizalayo. Ngihlale nabo iminyaka emihlanu, ngabe sengesula, okwathusa abaningi naye umama ngoba wuyena owayesaphila, ubaba wayesedlulile emhlabeni."
Uthe uthando lokusakaza yilo olwaluvutha ubuhanguhangu enhliziyweni ngenxa yokuthi wayezifela ngomsakazi woKhozi FM ongasekho, uLindiwe "Itshitshi Lika-15 Years" Ntuli.
Ukhule elalela yena esahlala nogogo nomkhulu ngenxa yokuthi abazali bakhe babesebenza behlala emsebenzini.
"Ngakho ukungabi khona kukamama eduze, kwangenza ngathanda lo mama esengihlala ngimuzwa emsakazweni, ngize ngimlinganisele.
Nganginesifiso sokumbona ngelinye ilanga kodwa akwenzekanga." Nakuba engakaze wahlangana noMalindi kodwa inhliziyo yakhe yahlala kuye kangangoba wagcina efundele ukusakaza kwesinye isikhungo semfundo ephakeme ngoba efuna ukuqonda kabanzi ngomsakazo.
"Kanti yila kuzovela khona inhlolokhono kwiMbokodo FM endala eyavalwa yabuye yavulwa ngaphambi kokuthi ibuye kabusha. Sathathwa saba bane, kungamantombazane amabili nabafana ababili ngo-2008."
Uthe ekuvalweni kweMbokodo kwenza wathathwa yiZwi Lomzansi asayibambe kulo kuze kube yimanje.
"Ngingathi Izwi Lomzansi yilona elibambe elikhulu iqhaza empilweni yami futhi ngazitshela ukuthi ngizoba yilo msakazi ofinyelelayo ebantwini, uma ngicabanga izinhlungu engazizwa mhlazane ngigcina ngingayibonanga intandokazi yomsakazi engangibukela kuyo, uMalindi."
UDodoh uthe uma engekho emsakazweni, usuke ematasatasa nokuthunga nokuphaqula ubuso babantu njengoba eyi-make up artist.
"Ngiphinde ngibe nebhizinisi lami elisenkabeni yeTheku." Uthe uthanda ukuchitha isikhathi esikhethekile nomndeni wakhe, okuyizingane nomyeni wakhe onguphrojusa womculo, uDollar Xaba.
"Ngithanda nokupheka kakhulu. Ngiyazifela ngokudla kwasolwandle nokulalela umculo opholile, iSoul neR&B," kuphetha uDodoh.