KUNEZINHLELO zemisakazo othi uma uzilalele uzwe ukuthi ukuthola konke okufunayo njengomlaleli. Njengabalaleli sinezizathu ezahlukene zokulalela izinhlelo futhi kwazona izinhlelo ngendlela abazihlela ngayo, bayamazi umlaleli abamfunayo.
Ngeke uthi ulalele uhlelo lomculo bese ukhala ngokuthi umsakazi ukhuluma kancane. Vele lapho kufuneka umuntu othanda umculo njengomlaleli.
Ezinye nokho zihlelwa ngendlela yokuthi zikwazi ukulalelwa ngabantu abaningi. Kufana nezinhlelo zasekuseni eziteshini eziningi. Lapha basuke befuna uhlobo olwahlukene lwabalaleli ngoba nezihloko okukhulunywa ngazo ziyehluka. Kulezi zinsuku ngithokozela uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto lweGagasi FM.
Lolu hlelo, iThe Uprising with Felix and Njabs, lwethulwa nguFelix Hlophe noNjabs Zwane njalo ngo-6 kuya ku-9. Okungichaza kakhulu ngalo wukuthi luzwakala njengohlelo oluphelele. Luyafundisa, luyakitaza futhi ngoba uFelix ubuye abe namancoko, bayakwazi nokwenza abalaleli babe yingxenye yalo.
UNjabs naye ubambisene kahle noFelix. Empeleni uNjabs usezikhombisile ukuthi uyakwazi ukusebenza nabanye njengoba nangesikhathi kusenoMzokoloko, uhlelo lwabo lwalumnandi.
Ukwenza isibonelo, ngoMsombuluko nje kuye kube khona insizwa okuthiwa wuNco Dube. UDube uye ahlaziye okwenzeka ezweni bese wena njengomaleli uyazuza ngoba usuke ehluba udlubu ekhasini ngokuningi.
Kunesigaba futhi lapho umlaleli aye ashaye khona ucingo, adlale umdlalo ngokubuzwa imibuzo ehlukene nokumele ayiphendule ngesikhathi esikaliwe.
Lokhu kwenza umlaleli abe yingxenye yohlelo kuthi nolalele afunde ngoba kungenzeka obekubuzwa hleze ubengakwazi.
Nesigaba esithi Bathini Abashana naso sibalulekile ngoba senza nabasakhula bazi ngesiteshi.UFelix uthi eshaya amancoko kodwa akwazi ukulushayela uhlelo luhambe ngendlela. Uyasazi isikhathi samancoko nesokuzimisela. Angithi amancoko enza noma uvuke uthukuthele ishintshe nendlela olubuka ngayo usuku. Kwezinye iziteshi baze babe nezigaba zosomahlaya ngoba befuna abalaleli bahleke. NgoLwesihlanu nje uFelix noNjabs bebenoPhumudzo Manenzhe ongumhlaziyi webhola nesinye sezikhulu zakwaSuperSport bekhuluma indaba yeNdebe yoMhlala eqala eQatar maduze.
UFelix ubelokhu emjovile noPhumudzo elokhu ephindisela kwagcina kuba nomuzwa omnandi kodwa nengxoxo ngokubalulekile ibilokhu iqhubeka.
Cha lolu hlelo lumnandi, luyalaleleka.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @FaneleBengu noma kuFacebook Fanele Bengu.