KUQUBUKE imbibizane phakathi kwabaphathi besiteshi somsakazo iGagasi FM, nabagqugquzeli bomncintiswano wezindondo, iSA Radio Awards.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi izikhulu zomsakazo zithathe isinqumo sokukhipha uhlelo olubizwa nge-Indaba ngenxa yokufika kwangqingetshe kwezingxoxo ebeziphakathi kwazo, nabagqugquzeli bomncintiswano wezindondo.
Luhoxisiwe uhlelo Indaba, olwethulwa ngumsakazi uNhlahla Alex Mthiyane, kwiGagasi FM, luhoxisiwe emqhudelwaneni wezindondo zemisakazo ngemva kokungavumelani kwezinhlaka ezimbili.
Lolu hlelo lwezingxoxo olungena kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-6 ebusuku, beluqokwe emkhakheni weBest News and Actuality.
Olunye uhlelo oluhlangabezane nembibizane ngolwethulwa ngumculi wokholo uKhaya Mthethwa, noDJ Sonic oluthi Midday Connexion, olungena ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-12 emini. I-Midday Connexion, iqokwe emunxeni weBest Daytime Show.
Ngokwesitatimende sabeGagasi abasinameke kwi-website yabo, bathi bathathe isinqumo emuva kochungechunge lwemihlangano abayibambe nabagqugquzeli bomncintiswano mayelana nezikhalo zabo abazivezile.
“Zonke izinhlangano ziphethe ngokuthi kwamukelekile ukuthi iGagasi FM lihoxe emqhudelwaneni."
Siqhuba isitatimende sithe iGagasi FM lizibophezele ekusekeleni nasekubambeni iqhaza ohlelweni okuhloswe ngalo ukubungaza nokugubha imisebenzi emihle kodwa zonke izinto zibe zihanjiswa ngendlela futhi kuxhunywana nabathintekayo.
"Siyaxolisa kakhulu ngobuhixihixi obuholele kulesi sinqumo, ikakhulu abalaleli bethu nosomabhizinisi abakhangisayo," kuphetha isitatimende.
Okhulumela amaSA Radio Awards, uSamantha Pugh, ukuqinisekisile ukuthi iGagasi aliseyona ingxenye yalo mqhudelwano futhi bayalihlonipha iqhaza lalo endimeni yezokusakaza.
Phakathi kwabazobe bedlana imilala emqhudelwaneni kubalwa uTshatha Ngobe, Selbeyonce Mkhize, Babheke Mthethwa, Victor Molife, Neliswa Cele, Zamantungwa Khumalo boKhozi FM, Robert Marawa we-974, Andile Ncube weMetro FM nabanye.
Abahlabene bazomenyezelwa ngoDisemba 2, emcimbini ozokuba eParktown, eGoli.