LIGAYE ngomunye umhlathi kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards akulo nyaka njengoba imisakazo, ebikhonya kuwo, ikhale ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.
Bekuqala ngqa ukuthi umsakazi, onqobe kumunxa weBest Traditional Music SABC Radio Presenter of the year, kungabi owoMhlobo Wenene noma owoKhozi FM.
Kulo nyaka ka-17 ezinkundleni zemidlalo zaseMbombela, eMpumalanga, umhlanganiso udliwe, wuTom Perez, weMotsweding FM, okuwumsakazo onesibalo esincane sabalaleli kunoKhozi noMhlobo Wenene.
Ukhozi belumelwe wuBheka "Beekay" Mchunu kanti Umhlobo Wenene bewumelwe wuGudlabatshakazi. Umsakazi woMhlobo Wenene ubeqhubeka ezinyathelweni zikamufi, uSaba "iZaw Zaw" Mbixane, ngokuzidlela amahlanga kubasakazi beziteshi zakwaSABC abagxile emculweni wesintu.
Kuzokhunjulwa ukuthi ngesikhathi amaSatma eqala lendondo yazibulwa wuKhathide "Tshathugodo" Ngobe ngo-2006. Kwabe sekulandela uSaba obengumakhonya kulo munxa kwaze kwaba uyawushiya lo mhlaba ngo-2015. Umbango walezi zinsizwa wazenza zaphenduka izilomo futhi nalo munxa wabasakazi wagcina sewunesasa. Yingakho abamaSatma baze baziwelisa phesheya ukuba ziyolanda izivakashi e-USA futhi laba basakazi baphinde bathula izindondo komunye umcimbi wamaSatma owawuse-Eastern Cape.
Ukudlula emhlabeni kukaSaba kwalehlisa lelo sasasa elaliba khona. Isibhaxu saze senza owayengumphathi woKhozi FM, uBonga Mpanza, waluhoxisa uKhozi ekungeneleni amaSatma.
USaba (54) washonela esibhedlela iNelson Mandela Academic Hospital, eMthatha ngoFebhuwari 26 emuva kwengozi yesithuthuthu eyamehlela ngakubo eMount Frere, e-Eastern Cape. Udlula nje emhlabeni wayesephumelele lo mqhudelwano amahlandla ayisithupha. Kwahluleka ngisho uTshatha esehamba noNgizwe Mchunu kodwa kwanhlangazimuka nomoya. Emuva kokushona kukaSaba, izinhlelo zakhe, Ilavutha Ibhayi neSiwel'Uthukela, zasala zasakazwa wuGudlabatshakazi.
Abanye abahlabane kulo nyaka ngoNombika Black Boys kwiBest Mbhaqanga nakwiBest Traditional Acappella Group, Gatsheni kwiBest Song of the Year, uDumakahle kwiBest Maskandi Artist, uZamamboe Mkhize kwiBest Tradional Social Influencer, iDaniel Brothers kwiBest Afro Soul, uLunga Ngamle weZibonele FM kwiBest Traditional Music Community Radio Presenter, uNomsa Mkhonza weBomsa Clothing kwiBest Traditional Outfit, uTom Perez weMotsweding FM kwiBest Traditional Music SABC Radio Presenter, uMa'onas The Melodian kwiBest Upcoming Artist, uNtombi Ya Mutsonga kwiBest Indigenous Poet, uVenda Boy kwiBest Praise Singer, iBurning Fire kwiBest Reggae Artist/Group, uMthobisi Mthalane kwiBest African Jazz Artist nabanye.
Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe wumlingisi nomethuli wezinhlelo zeTV, uLesley Musina nomlingisi, uKajal Maharaj.