KUMISWE abasakazi besiteshi somphakathi saKwaMashu iVibe FM abebezizamela inhlanhla kwinhlolokhono yokusakaza ye-East Coast Radio.
Laba basakazi basolwa ngokuzenzela, ngemuva kokuthi befake ama-video abo ezinkundleni zokuxhumana besakaza, bethi bazizamela inhlanhla.
Umsakazo i-East Coast Radio ithungatha umsakazi, kanti abafisa ukuba yingxenye yawo bafaka izicelo ngokuthi bafake i-video ezinkundleni zokuxhumana besakaza.
Ngemuva kokuthi abasakazi abahlanu beVibe FM benze kanjalo ngaphandle kokwazisa abaphathi babo, abaphathi besiteshi banqume ukumisa uNoxolo Makhathini, Boniswa Gazu, Mankini Mgenge, Sizwe Sibisi, Luyanda The Original noKhwezi Ngcobo.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi bahlalele ovalweni njengoba bengazi ukuthi ikusasa labo limi kuphi ngokumiswa kwabo.
“Sidideke kakhulu ngalokhu okwenzekile futhi siyalibona iphutha lethu lokungabatsheli abaphathi bethu ukuthi sifuna ukuzama inhlanhla kwesinye isiteshi. Abaphathi bawabonile ama-video ethu sonke ebesiwafake ezinkudleni zokuxhumana base besitshela ukuthi ake sime emsakazweni kuze kube sibizelwa esigungwini sokuqondisa ubugwegwe,” kusho umthombo.
Uqhubeke waveza ukuthi kodwa lokhu okwenziwa yilo msakazo bakubona njengokuncishwa abasakazi amathuba.
“Izinkontileka abasinika zona, akukho lapho zisivimba khona ekutheni sizame inhlanhla lapho sibona amathuba khona kodwa siyabona ukuthi sifela ukuthi asibazisanga ngaphambi kokuthi sithathe izinyathelo,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo uthe bayakwamukelwa ukusolwa kodwa okubaphatha kabi ukubekwa esimeni sokungalazi ikusasa labo kulo msakazo.
“Silinde umhlangano okuthiwa uzoba khona lapho sizozwa ukuthi kuhamba kanjani. Abanye bozakwethu kwezinye iziteshi nabo bathi abaliboni iphutha kwesikwenzile,” kusho umthombo.
ULucky Dlamini ongumphathi weVibe FM ukuqinisekisile ukumiswa kwabasakazi abahlanu, wathi abazange babatshele lutho ngokungenela lo mcintiswano.
“Asisho ukuthi asifuni bakhule kodwa esingahambisani nakho ukubona abasebenzi bethu sebephusha igama lomunye umsakazo ekubeni singazi lutho ngalokho. Sizobabizela emhlanganweni kulona leli sonto sizokhuluma nabo. Abakwenzile akukuhle neze,” kuchaza uLucky.