SIKHULU isililo ngokubulawa kukaJoshua Mbatha obengumsakazi nomqophi womculo esiteshini somphakathi eGoli, i-Alex FM.
UJoshua, obedume ngelikaDJ Jorontinah, nozakwabo ababili bavinjezelwe yizinswelaboya ezintathu bephuma emsebenzini ngoLwesine ebusuku zibagebenga.
Ngokusho kuka-Isaac Mangena, ongusihlalo walesi walesi siteshi, umsakazi wabo wubesendleleni eya khaya ngesikhathi bevinjezelwa emgwaqweni u-7th Selbourne.
“Babanjwe inkunzi bathathelwa amaselula nezicathulo ngaphambi kokuba badutshulwe,” kusho yena.
UMbatha udutshulwe esifubeni. Uphuthunyiswe emtholampilo iMasakhane okuyilapho eshone ekhona ngo-9 ebusuku.
Kwenzeka lokhu nje, lesi siteshi sisanda kutakulwa yinhlangano esiza umphakathi ngemuva kokuthi salinyalelwa yimpahla yokusebenza ngezibhelu zangoJulayi nyakenye.
Ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana:
Bongani Magwaza: Kwase kuvuka le ngoma kaBhekuzulu Luthuli, umphefumulo wakhe uphumule ngoxolo! "Hulumeni ake sikhuleme len daba iyangidida 🎼🎸 waqeda intambo wavulela isibhamu, wavulela utshwala, wavulela ucansi nemali yeqolo angifuni nokuvula owami umlomo ngase kuthiwe sengithe. Mina ngikhalela umntanami ozokhula kabi umhlaba usunje. Mina ngikhalela umntanami ozokhula kabi 🎹 leli zwe lobuswa wobani uma seliyinhlakanhlaka linje nje. Iyazika inqanawe, iyazika inqanawe.
Mpha Mpumabedelile Dumakude: Lukhulu luyeza luyanyelela ngalezi zibhamu. Sengathi leyo mngcele kumele ivalwe ngempela inkankani nenkani lidle owangakubo umsundu.
Thembi Gloria: Sakhipha abelungu sithi banobandlululu kodwa manje sibulalana sodwa singabantu abamnyama.
Philani Methembe Khushwayo: Kukhona okushaya amanzi ngokubulawa kwabantu. Azovela amaqiniso maduze, le nto ihambisana nepolitiki nokuhlukunyezwa kwabantu bangaphandle.