ELAMANQAMU namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli njengoba owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, ezolala azi ukuthi icala lokubhebhezela izibhelu zika-2021, liyamthetha noma liyamlahla yini. Ekhuluma emuva kokuvela kule nkantolo ngoSepthemba, uNgizwe wathi usefisa kabi ukuba siphume isinqumo ngoba leli cala selimoshe imali yakhe engaphezu kukaR1 million.
Wathi imali eningi iphelela kubameli nasekwehleni enyuka. Uthe sekuphele iminyaka emithathu ehambela leli cala. "Lokhu kubuhlungu ngoba angiqashwe ndawo. Ngisizwa abafowethu nosomabhizinisi engiphila nabo kanye nabantu abangaziyo. Nababonayo ukuthi leli yicala elingekho." Wathi uselindele isinqumo esingujuqu. "Angisenandaba nokuthi liyangivuna noma liyangilahla. Sengikulungele ukuzwa ukuthi ijaji lithini. Anginandaba. Engikwaziyo ukuthi anginacala futhi akunacala engalenza. Kunalokho ngivikele abantu kule lizwe." Kulindeleke ukuba uNgizwe atheleke enkantolo evunule econsa njengenhlalayenza futhi ephelezelwa yidlanzana lamabutho eliholwa wuMnuz Joeman “Mtebhos**” Buthelezi.
UNgizwe ubekwe icala lokugqugquzela abantu bakuleli ukuba batape futhi bacekele phansi impahla nelokuphikisana nomthetho owawunqanda ukuhlangana kwabantu ngesikhathi kubhoke isifo iCorona emhlabeni jikelele. Nakuba kunjalo uNgizwe uyawaphika wonke la macala, uthi ubhecwa ngobende ekubeni inyama engayithanga mbibi. Yingakho efake isicelo sokuba akhishwe phambili kuleli ngokwesigaba sika-174 somthetho iCriminal Procedure Act.
UNgizwe ungumsolwa wesine ukuboshelwa leli cala ngenxa yezibhelu ezabheduka KwaZulu-Natal naseGauteng kulandela izikhalo ngokuboshwa kowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ngoJulayi 7. Kuthiwa uNgizwe wazidalela amazinyo abusheshelezi ngokunqumela uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, izinsuku ezintathu ukuba akhulule uZuma ejele laseMtshezi lapho ayelindeleke ukuba adonse izinyanga ezingu-15.
UPhiko lezokuShushisa kuZwelonke latshela imithombo yezindaba ukuthi uNgizwe usolwa ngokugovuza abantu bakuleli ukuba basuse uthuthuva ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli. Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela eThekwini maqede icala lakhe ladluliselwa eGoli ngoJulayi 2021. Wake wagqunywa esitokisini ngenxa yokuthi abeNPA babelokhu bekuphikisa ukukhululwa kwakhe ngebheyili ngoba kusolwa ukuthi uyingozi.