UKUSHIYA kukaCarol Ofori kwiRadio 2000 kubuyise uNtombi Phiri ezinhlelweni zaphakathi kuka-6 ekuseni no-6 ntambama.
UCarol ugcine ngoLwesihlanu ekuthuleni iQueens of Grace engena ngo-9 kuya ku-12 emini ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Lo msakazi ojoyine iRadio 2000 ngonyaka odlule, ushiye ngoba ebuyela kwi-East Coast Radio eThekwini.
Uzokwethula uhlelo olungena ngo-9 kuya ku-1 emini phakathi nesonto isikhathi obekungena ngaso uThandolwethu Ngidi oshiye ngenxa yokugula.
Uzoqala emsebenzini ngoNovemba 16.
Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo esitatimendeni uthe isikhala sikaCarol sizovalwa nguNtombi ozosakaza iBetter Together.
UNtombi uzosuka ebusuku ngo-10 kuya ku-12 ngoMsombuluko kuya kuLwesine lapho esakaza khona iLife Love and Music with Ntombi Phiri.
Ngaphambi kokufakwa ebusuku wayethula i-Inner Circle ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto. Lesi sikhala sesithathwe nguDavid Mashabela.
Isikhala sikaNtombi sizovalwa nguMmatsheko Mosito. USydney Baloyi wohlelo iGolden Classics ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku usezosakaza uhlelo olufanayo ngo-9 ebusuku ngeSonto.
U-Ike Phaahla weThe Retrospective ngo-6 ngeSonto usezosakaza uhlelo olufanayo nangoMgqibelo ngo-9 ebusuku. Kwenzeka lokhu nje, ingwazi yezokusakaza yeSA FM, uBongi Gwala, ngoLwesihlanu imemezele ukuthi iyagcina emsebenzini
Umphathi weSA FM uKina Nhlengethwa uthe bebengalindele ukuthi uGwala uzoshiya. Umfisele inhlanhla wathi akulula ukuvalelisa. Uthe bazomemezela izinhlelo zabo ngokuzokwenzeka ngokuhamba kwesikhathi.