UMPHATHI wesiteshi somphakathi saseMlaza, Intokozo FM, uthi banezinhlelo zokubuyisa abalaleli ababalahlekela ngenxa yokungabi semoyeni ngemuva kwezibhelu zangoJulayi nyakenye okwebiwa kuzona impahla yokusakaza.
UMxolisi Ntanzi, ophethe lesi siteshi esisakazela eMlaza, ukusho lokhu ngemuva kokwethulwa kwestudiyo esisha esinikelelwe yiMedia Development and Diversity Agency (MDDA).
Lesi siteshi besisakazela esikhungweni eSiyanakekela Community Care Centre kwaze kwaba wuJanuwari nonyaka.
“Sisizakele kakhulu ngestudiyo esisha ngoba izinga lethu lokusakaza lizokhuphuka. Sasinenkinga ngemuva kwezibhelu zokuthi izinga lesiteshi laliphansi ngoba sasithembele ezintweni zokusakaza esasinikelelwe zona. Siyabonga kwabasisiza njengabanikela eMega City ne-Unicef,” kusho uNtanzi.
Uthe iMDDA ayibasizanga kuphela ngestudiyo kodwa iphinde yabanika nemishini yokusakazela ngaphandle namalaptop okusebenza.
Ngokwezibalo ezishicilelwe yiBroadcast Research Council of South Africa, lesi siteshi sinabalaleli abalinganiselwa ku-12 000.
“Ngesikhathi sesibamba umgqigqo, kwaba nezibhelu. Kwasithatha isonto ukuthi sibuyele emoyeni. Kwaba yingqinamba ukuthi singabi khona emoyeni. Kube nezikhukhula futhi nazo eziphazamisile. Sinazo kodwa izinhlelo zokubuyisa abalaleli ngoba ngoLwesihlanu siye sivakashele izikole, ngeMigqibelo kuneDankie Siyabonga G2G lapho iya ezindaweni zobumnandi. NgeSonto ikomidi lezenkolo livakashela amabandla. Njengoba sesinemishini yokusakazela ngaphandle, sizophuma kakhulu siye emiphakathini,” kusho yena.
Uthe uma bephumela ngaphandle bazophinde bafundise abantu ngokubaluleka kweziteshi zomphakathi nokuthi zibazisa kanjani.
Uthe lokhu kuzokwenza ukuthi abantu bazi ukuthi kumele bayivikele impahla yeziteshi.
Isiteshi sivulwe ngempelasonto yiPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uThembi Siweya, neMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda.