INKIYANKIYA kunyamalala uBheka “BeeKay” Mchunu ohlelweni lwakhe kuKhozi FM, osebanjelwa ngozakwabo futhi sekuphele isonto beshintshana ngalo.
Banemibuzo abantu ngokunyamalala komsakazi emoyeni kodwa abayitholi incazelo, kunalokho kushintshana abasakazi ngohlelo.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo owazi izindaba zangaphakathi kuKhozi FM, ukuthi uBeeKay akathathile ikhefu elejwayelekile kodwa uhlaselwe wukugula kwaphoqeleka ukuthi ame emsakazweni.
“Kumanje ohlelweni lwakhe lwaphakathi nezinsuku iKanye Nawe kushintshana abasakazi. Seluke labanjwa nguKhetha Gwala ongumdidiyeli womculo emsakazweni, nosekunesikhathi agcina ukuzwakala esakaza. Kuthiwa uKhetha ungene estudiyo ngoba kucaca ukuthi uxinekile uBeekay. Abanye abake bambambela nguKing Sfiso noThokozani “Mafresh” Mpungose,” kusho umthombo.
Kwenzeka lokhu nje, uBeeKay uke wabhekana nenkinga yokushelwa yizwi esakaza nyakenye kwaphoqeleka ukuthi athathe ikhefu wabuya eseluleme. Inkinga yokugula kwabasakazi besemoyeni yinto ebuye idle lubi emsakazweni, Ukhozi FM.
Omunye owake waba nenkinga yokushelwa yizwi wuMdonso Ngcobo kanti noNkosinathi Mshengu, wake wanenkinga yokusonteka esakaza kwashwabana ulimi kwasengathi uhlaselwa yisifo sohlangothi. UMroza naye wake waquleka esakaza waze waphuthunyiswa esibhedlela.