Umsakazi wohlelo lwantambama phakathi nesonto kwiGagasi FM, uKhaya Dladla uyasishiya lesi siteshi ngemuva kweminyaka eyisithupha “ngenxa yesimo sokusebenza esingesihle”.
UKhaya, owethula iGagasi FM Drive njalo ngo-3 kuya ku-6 noZisto noHeazy, uzogcina emoyeni ngoLwesihlanu.
Isolezwe libikile ngoLwesibili ukuthi kunamahlebezi okuthi lo msakazi uyashiya.
Ukhiphe isitatimende lapho ethe ufuna ukugxila ekukhuleni ezweni naphesheya kwezilwandle.
Ubonge lesi siteshi nabalaleli ngokumethemba ngethalente lakhe. Uthe ufuna ukubonga nezinkampani asebenze nazo emikhankasweeni yakhe.
“Kubuhlungu kimi ukuthi ngibe sesimeni lapho ngishiya khona inkampani engiyithande kusuka eminyakeni edlule ngenxa yesimo sokusebenza esingesihle,” kusho uKhaya ongenabanga ngalesi simo.
“Indlela umsebenzi wami ohamba ngayo awusahambisani nesiteshi kodwa ngithanda ukubonga bonke abenze isikhathi sami kwiGagasi FM saba sihle kusuka kwabathakasela ithalente lami bangimema ukuthi ngijoyine iGagasi FM kuya kozakwethu engisebenze nabo. Ngiyabonga DJ Vumar ngokungamukela kahle, Mfundo Mabaso, Felix Hlophe, Njabs Zwane noDJ Flair ngesikhathi esimnandi ohlelweni lwasekuseni. Ngibonga ethimbeni lweGagasi FM Drive uKwazi Khoza, Mfundo Zwane, Frank Ndimande, Zisto noHeazy.”
UKhaya akagcini kuphela ngokusakaza kodwa ubuye abe ngumlingisi nomethuli wezinhlelo zethelevishini.
Kunamahlebezi okuthi uDJ Sphectacula noNaves bakhuza ibuya kulesi siteshi ukuzothatha izintambo ohlelweni lwantambama.
Ukuhamba kukaKhaya kuza ngemuva kokuthi ngoMsombuluko uPenny Ntuli ememezele ukuthi uyashiya ngoba ekhala ngokuthi isiteshi sifuna ukumholela uR2 800 ngenyanga. Uveze ukuthi ubezohola imali engaphezulu kancane kukaR700 ohlelweni lwakhe lwangezintatha ngeSonto.
Izinguquko zizoqinisekiswa ngoLwesithathu ntambama.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe akukho azokuphawula ngaphandle kokuithi bazomemezela izinguquko zabo ngoLwesithathu