BACISHE bakhonjwa indlela abasebenzi bohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kuKhozi FM ngenxa yezinsolo abebethweswa zona.
Izolo iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ikhiphe isitatimende lapho iqinisekise khona ukumiswa kukaSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha, umdidiyeli wohlelo - uBabheke Mthethwa, nomdidiyeli wemisindo - uMandla “Njinji” Magwaza.
Laba benza uhlelo, iVuka Afrika Breakfast Show, ngo-6 kuya ku-9 ekuseni noNonhlanhla “Mroza” Buthelezi. Ngemuva kokumiswa kwalaba, kube sekulandwa uSiya Mhlongo ukuthi asakaze noMroza noThozama Ngwenya njengomdidiyeli.
USiya, osanda kujoyina iMetro FM njengomethuli wohlelo, iThe Sacred Space noThami Ngubeni ngeSonto, ubuye enze i-vodcast Ukhozi TV.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, ukuqinisekisile ukumiswa kwalaba bobathathu kodwa wangabadalula amagama. Uthe ukumiswa kwabo kulandela uphenyo lwangaphakathi.
“Abaphathi ngeke bakhulume ngalolu daba ngoba luthinta ubudlelwane bomsebenzi nenkampani obulawulwa yimithetho yenhlangano,” kusho uGugu.
Akacacisanga ukuthi laba bamiselweni futhi bazobuya nini.
Umthombo weSolezwe uthe laba babhekene nezinsolo zokufaka ingoma engagunyaziwe ukudlalwa emoyeni beyisusa kwiselula nokuyinto ebadonsele amanzi ngomsele ngoba ayivumelekile.
Lokhu kuthiwa kwenzeke ngaphambi kwezinguquko ngo-Ephreli.Kuthiwa ngemuva kophenyo iSABC ibalahle ngecala, bacelwa ukuthi benze izethulo zokuthi kungani izinkontileka zabo kumele zinganqanyulwa nokuyinto okuthiwa yenzeke emasontweni amabili edlule.
Ngemuva kokuthi iSABC izamukele izethulo, ibe isikhetha ukubamisa amasonto amane emoyeni njengendlela yokubajezisa kodwa badonswa ngendlebe ukuthi bangaphinde bephule umthetho ngoba bazothathelwa izinyathelo ezinqala.
Umthombo uthe bazobuyela emsebenzini ngoJuni 20.
Omunye umthombo uthe laba akubona kuphela abamisiwe kepha noSbu Buthelezi osekuphele amasonto amabili engekho emoyeni. Uhlelo lwakhe belubanjwe nguDJ Sgqemeza kanti ngeledlule bekukhona uPhindi Phewa.
Umthombo uqhube wathi omunye obemisiwe nguNomfundo Mkhize okuvela ukuthi ubuye kuleli sonto ngemuva kokuhlala ekhaya inyanga yonke. UNomfundo udidiyela uhlelo, iDankie 1223, eyenziwa nguZimiphi “Zimdollar” Biyela noSfiso “King Sfiso” Sibiya.
Kuthiwa uNjinji noBabheke, ababuye benze iTop 20 ngoMgqibelo, ngeke bangene kulolu hlelo njengoba bemisiwe nakulo.
Imizamo yokuthola uGugu mayelana nokumiswa kukaSbu noNomfundo ayiphumelelanga njengoba yena nozakwabo ethimbeni lezokuxhumana eSABC bengayiphendulanga imibuzo abathunyelwe yona izolo ekuseni.