SEKUVELE ukuthi kukhona abangazitholanga izinkontileka zokusebenza kuKhozi FM, njengoba kulindeleke ukuthi kube nezinguquko eziqala ngo-Ephreli 1.
NgoMsombuluko Isolezwe libike kabanzi ngezinguquko okulindeleke ukuthi zenzeke nezithinta kakhulu izinhlelo zaphakathi nesonto.
Phakathi kwazo kuhlanganisa ukuthi uDJ Sgqemeza abuyele ohlelweni lwasekuseni, uDudu Khoza uzosakaza ihora bese kulandela uMroza, ngo-12 kuya ku-3 ntambama kuzongena uBK bese kuthi ntambama kube nguSiya Mhlongo noSelbeyonce.
UNongcebo uzongena kwiSithakela Isizwe lapho bekungena khona uSgqemeza.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni, uthe uNeliswa "Siwe" Cele obengena ngoLwesine ebusuku noDJ Sgqemeza, inkontileka yakhe ayivuselelwanga kanjalo nekaGugu Big Kid Yengwa.
UMzokoloko uzongena ohlelweni olulodwa ngempelasonto ebusuku. Kuthiwa uphinde wanikezwa umsebenzi wokuba unjiniyela wemisindo (technical producer) ohlelweni lukaNongcebo.
Omunye umthombo weSolezwe uveze ukuthi umhlangano wokwazisa abasakazi bonke nophrojusa ngezinguquko ezizoba khona uzoba kuleli sonto.
“Kuzohlanganwa kuleli sonto kutshelwe wonke umuntu uma sesihlangene ngezinguquko ezizozwakala ezinhlelweni. Iningi phela lifihlile ukuthi kulihambele kanjani njengoba lingafuni kuthi vu. Kodwa konke enikubikile ngezinhlelo zaphakathi nesonto kunjengoba kunjalo, njengoba iphelile indaba yabasakazi abahamba ngababili, futhi uDudu ngenxa yokuthi bese kuyiminyaka zingamthinti izinguquko kulokhu bekuphoqa ukuthi nakanjani athinteke ngenxa yengcindezi yemali engekho eSABC kanye neminyaka yakhe,“ kuchaza umthombo.
Uqhube wathi kulo nyaka isimo besimuncu kakhulu kungafani naseminyakeni edlule la abasakazi bebexoxelana ngezinguquko ezibathintile kodwa kulokhu bebengathi vu.
“Indaba yeSABC yokungabi namali kwase kushayeka abasebenzi yenze abaningi baba nengcindezi, kukhona abebehola imali yangempela njengoba bebeshayela izinhlelo ezinkulu kodwa manje konke lokho kuphelile, abanye abakazazi nokuthi baya kuphi kodwa konke kuzocaca kuleli sonto,“ kuphetha umthombo.
Obambe njengokhulumela iSABC uMmoni Seapolelo, uveze ukuthi njengeSABC njalo baba nezinguquko emsakazweni okuzothi maduzane benze isimemezelo ngezinguquko abanazo.