ABASAKAZI abasanda kulaxaza iMetro FM, uSphesihle "SPHEctaular" Ngwenya nozakwabo kwiKings of the Weekend, uLebogang "DJ Naves" Naves, bakhonjwa emsakazweni waKwaZulu-Natal, iGagasi FM.
UNaves ushiye kwiMetro FM ngoJanuwari kodwa uSPHEctacular uyagcina ekupheleni kwale nyanga.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi laba basakazi sebeqashwe yiGagasi ukuba bazosakaza uhlelo lwantambama, olusasakazwa nguZisto, Heazy noKhaya Dladla.
Ebuzwa okhulumela iGagasi, uKhulekani Shandu, akavumanga futhi akaphikanga kodwa uvele wangena ezintangeni.
"Sisematasatasa nawo amalungiselelo okushintshwa kwezinhlelo. Sizomemezela ngesikhathi esifanele ukuthi zizoma kanjani izinhlelo kulo nyaka." Exinwa ngemibuzo uKhulekani uthe usephendulile, akukho okunye azokusho.
Okhulumela abakwaSABC, uMmoni Seapolela, uthumelele abezindaba isitatimende esikuqinisekisayo ukuthi ihlukene inhloko nesixhanti phakathi kwabo noSPHEctular, uNothemba Madumo, Oscar "Oskido" Mdlongwa noSiya Mhlongo woKhozi FM.
USPHEctacular noNaves, ebebesakaza izinhlelo zangempelasonto kwiMetro FM, bazobe bengaqali ukujoyina iGagasi. Ngo-2017 bababenza lona lolu hlelo lwantambama, iThe Kings Drive kodwa babuye balulaxaza iGagasi ngoMeyi 2020, singakapheli isivumelwano seminyaka emithathu.
Babuyela kwiMetro FM sebezokwenza uhlelo lwantambama iThe Kings Suite, bengena bevala isikhala zikaMo Flava.
*Khonamanjalo, sisekwiMetro FM, uPaul Mtirara usejoyine iLove Movement njengoba esezokwethula iThe Chill Factor ngeSonto ngo-12 emini, kwathi uMsizi Shembe wayokwenza iSunday Soul Therapy ngo-9 ebusuku.
UZola Mayeza uzosakaza noSomizi Mhlongo kwiThe Weekend Breakfast Sounds Good ngo-6 ekuseni.
UNaked DJ ujoyinwe wuThato Immaculate wodumo kuma-Idols SA ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
URorisang Thandekiso uzovala isikhala sikaSiya Mhlongo kwiCommand Your Day bese uLootlove ajoyine uTbo Touch kwiThe Touch Down ngo-3 ntambama.