UJABULE ngokuphinde athole ithuba ekulingiseni uSmangele Mhlongo osezakhele igama kuleli ngokwaziwa ngelikaMakaChicken.
Lokhu ukuveze ekhuluma neSolezwe njengoba maduzane ezobonakala emdlalweni iSibongile & the Dlamini’s kuMzansi Wethu (163).
Kulo mdlalo uzobonakala elingisa indawo kababekazi kasomabhizinisi uStanley Sokhabase, elingiswa uMelusi Yeni.
“Ithalente lokulingisa nganginalo vele kodwa kuwukuthi ngangingazi ukuthi ngizophuma kanjani ukuze abantu bangazi nokuthi ngingangena kanjani kulo mkhakha. Kodwa ke ukuqala ngibonakale ezinkundleni zokuxhumana kungisize kakhulu njengoba amathuba evele avuleka futhi ngila ngikhona manje ngenxa nje yokuzinikela kwami,” kusho yena.
Uveze ukuthi kule ndawo azoyilingisa abantu bangalindela okukhulu kodwa nokuzobamangaza.
“Abantu bayazi ukuthi mina nginezigemegeme, ngakho-ke namanje abalindele lokho kulo babekazi ozodala ukushisa nesixakaxaka. Ngingakubeka nje ukuthi ubabekazi uyalwazi udaba lwakhe lokhu akufunayo uyakuthola noma nini,” kuchaza yena.
Uthe njengoba lo mdlalo abantu bewuthakasela nje bazoqhubeka bawuthakasele kakhulu.
IM-Net iveze izindaba zokuthi lo mdlalo iwona ohamba phambili ngababukeli esikhathini okhonjiswa ngaso ezinhlelweni zabo njengoba unababukeli abangaphezu kwesigidi.
UShirley Adonisi obhekele izinhlelo zakuleli kulesi siteshi uthe ngo-Okthoba ababukeli bakhule ngo341%, uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule ezinhlelweni ababenazo.
Kuvela lezi zindaba nje kulindeleke izinguquko ezinqala emidlalweni emibili kuMzansi Magic (161), okuwuMkhokha neGqeberha.
Emdlalweni Umkhokha kulindeleke ukuthi ifinyelele emaphethelweni indawo kaGabisile (Alizwa Sikhafungana) kuleli sonto.
Lo mlingisi ngokwamazwibela akamuva kuvela ukuthi uzofa ngenxa yomkhokha olokhu uqhubeka emzini waKwaGumede.
Ethintwa Isolezwe u-Alizwa ucele ukuthi akhulume ngebanga lakhe kulo mdlalo uma sekuvele konke okuzokwenzeka kuGabisile.
Emdlalweni iGqeberha kulindeleke ukuthi kuphele izindawo zabalingisi abathathu.
Kulo mdlalo kuvela izindaba zokuthi izofinyelela emaphethelweni indawo kaMbulelo Grootboom owaziwa ngoLuzuko Mxenge, Zimi Banisi (Mpilo) noSindiswa.
UThobile Mncube weMzansi Magic obhekele lo mdlalo uveze ukuthi ngoMsombuluko bazokhipha isitatimende lapho bezomemezela khona abalingisi abashiyayo kanye nabasha.