INTSHA esazakhela igama endimeni yokulingisa, igile izimanga emcimbini ama-Royalty Soapie Award, esikhombisa akade ebanjwe eHeartfelt Arena, ePitoli.
Lo mcimbi owasungulwa umlingisi uWinnie Ntshaba, inhloso yawo ukuhlonipha abalingisi, abasebenzi nemidlalo ehlukene kuleli.
Emcimbini wangoMgqibelo, uhlelo lwawo obeluphethwe uNomalanga Shozi, abalingisi abahlukene bahambe nezindondo emidlalweni esiyaphela, abanye babo bahlonishwa ngomsebenzi abawenza emidlalweni abangeseyona ingxenye yawo.
Imidlalo okubalwa kuyo i-The Estate, The River, Diep City kube ngeminye yemidlalo edle umhlanganiso kulo mcimbi yize ingasakhonjiswa kuthelevishini.
Abalingisi abasebancane okubalwa kubo ababili be-Skeem Saam, uLethabo Mekoa noMahlatsi Moropo, bakhale bemuka nezindondo emikhakheni akade beqokwe kuyo.
UMahlatsi uthole indondo ebivotelwa umphakathi ngendawo kaLetetswe ayilingisa kulo mdlalo.
ULethabo uthole eye-Best Newcomer ngendawo kaNtswaki khona emdlalweni i-Skeem Saam.
Omunye umlingisi ogqame kulo mcimbi, intokazi esibonakale emdlalweni eminingi, uKarabo Mogongwa, othole indondo ye-Oustanding Young Performer ngendawo kaKeletso ayilingisa emdlalweni i-House of Zwide.
UMahlatsi ubonge bonke ozakwabo asebenza nabo kulo mdlalo, wathi bamkhulisile futhi bameseka ukuze le ndawo ayilingise ngendlela. Uthe lesi kuseyisiqalo njengoba ukhalo kuye luselude.
Umlingisi uDeli Malinga uqhubekile nokuhlonishwa ngezindondo ngendawo kaMaMzobe ayilingisa emdlalweni Umkhokha.
Kulo mcimbi ukhale wemuka nendondo ye-Outstanding Female Villain.
Abanye abalingisi okukhona kubo uMduduzi Mabaso, Mohlatsi Mafatshe, Zikhona Sodlaka, Chrispen Nyathi, Harriet Manamela nabanye, bahlonishwe ngezindondo ezihlukene kulo mcimbi.
Izinkakha uDuma Ndlovu noDkt Jerry Mofokeng bahlonishwe ngezindondo eziyisipesheli kulo mcimbi ngomsebenzi wabo abawenzile kulo mkhakha.
Umdlalo Uzalo uhlonishwe ngendondo ebalulekile njengoba kuvele ukuthi yiwona obukwa kakhulu namanje kuleli.
Eminye okukhona kuwo i-The River ne-7de Laan ihlonishwe ngezindondo nayo.
UWinnie uyibongele intsha ngomsebenzi omuhle ewenza ekuyo, wathi uyifisela okuhle ohambweni lwayo.
Ubuye wabonga uxhaso aluthola kubantu bahlukene ukuze lo mcimbi uqhubeke uba khona minyaka yonke.
Ekhuluma neSolezwe emasontweni adlule, waveza ukungajabuli kwakhe ngoxhaso abangalutholi kuhulumeni ukuze bahlele imicimbi efana nalena.
Wanxusa ukuthi uhulumeni ufake isandla ukuze ikhule futhi baqhubeke nokuqhakambisa amakhono abalingisi abahlukene.