IZELAMANI zaKwaBala zizoqhubeka nokuxazulula izinkinga ebezikhona phakathi kwazo njengoba kubuya uhlelo olubheka impilo yalo mndeni iThe Bala Family, kuMzansi Magic (161), ngo-Agasti.
Lolu hlelo luphume phambili ngokuba nabalandeli abaningi kuleli ezinhlelweni eziveza impilo yabantu abadumile.
Kule sizini entsha kuzobonakala izelamani zakwaBala, uPinkie, uZwai, uLoyiso noPhelo nomama wabo uMama V.
UZwai uveze ukuthi kule sizini entsha kuningi okusha abeza nakho njengoba zilokhu ziqhubeke njalo izinkinga ababhekana nazo bengumndeni.
“Soqhubeka nokuthatha ababukeli balolu hlelo sibafake empilweni yethu. Siyabonga ngothando abasikhombise lona ngesizini edlule njengoba izinombolo zivezile ukuthi beluhamba phambili isonto nesonto kunezinye. Njengoba lubuya ababukeli bazobona okwenzekile njengoba samemezela ukuthi kwadlula emhlabeni ubaba uJafta. Umama uzobonakala kakhulu ezama ukusondeza umndeni wethu kaBala nowakwaJafta ukuthi ihlale isondelene ngisho ngemuva kwalesi simo futhi sigcine umlando kababa Jafta ukhona phakathi kwethu,” kusho uZwai.
Uthe kukhona konke kuzobonakala abanye kubona bengahambisani nalo mbono nokuyinto ezodonsa amehlo abantu abaningi.
“Okunye okuzogqama njengezilamani, sifuna ukwakha ikhaya esizokwazi ukuthi likhona futhi kukhona abahlala khona. Ngakho sizobonakala futhi sizama ukuhlanganisa imali yokuthengela umama wethu umuzi. Umbuzo uwukuthi imali yokuwuthenga izohlangana kanjani? Nokungenye yezinto ezizokhulumisa kube nemibono ehlukene. Siyamema abantu ukuthi bajabulele lolu hlelo njengoba kukukhulu abazokubona futhi okuzobashiya nesifundo ukuya phambili,” kuchaza yena.
Uthe okunye okuzogqama kule sizini isinqumo sokubuyisa iqembu labo iThe Bala Brothers, nosebekuphele iminyaka ingaculi ndawonye.
“Abanye khona emndenini banombono wokuthi uma singahlangana iqembu liphinde lisebenze lingaletha omkhulu umehluko esimweni sezezimali, esihlela ngazo ukwakha ikhaya kanti kukhona abanye abanomunye umqondo ngaleli qembu nakho okuzobonakala ohlelweni ukuthi kuphetha kanjani,” kuchaza yena.
UShirley Adonisi ongumqondisi wezinhlelo zakuleli uveze ukuthi lolu hlelo lube yimpumelelo luqala ngakho bekubaphoqa ukuthi balubuyise.