OPHROJUSA bomdlalo iThe Estate sebeveze ukuthi bazokhokhela abasebenzi balo mdlalo nabalingisi bawo ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Lokhu kulandela izindaba zokuthi abasebenzi balo mdlalo abaholile kusukela ngoNovemba.
Okhulumela umdlalo uLala Tuku uveze ukuthi kube nokubambezeleka kokukhokhwa kwamaholo abasebenzi balo mdlalo ngoDisemba.
“Inkampani eqopha umdlalo iClive Morris Productions iyazinakekela izidingo zabasebenzi nabalingisi bomdlalo, futhi isebenza kanzima nangokubambisana nabantu bezinhlaka ezihlukene eziyingxenye yomdlalo ukuthi sikwazi ukuxazulula lolu daba ngokushesha. Kukho konke okwenzekayo siyabazisa ngezinto ezithinta amaholo, futhi njengoba bengishilo sisebenza kanzima ukuluxazulula udaba lwemiholo. Esingakusho nje ukuthi kuyasijabulisa ukuthi abanye sebeyitholile imiholo yabo, siyakholelwa ekutheni ezinsukwini ezizayo yonke imiholo izobe isikhokhiwe,” kuchaza uLala
ISABC iveze ukuthi bazikhokhele zonke izinkampani eziqopha imidlalo ngaphansi kwayo okubalwa nayo i-Clive Morris Productions, yaphinde yasayina inkontileka nale nkampani ngesamba semali abavumelana ngaso kuze kuphele le sizini kuqale entsha.
Bathe bona akukho sivumelwano noma isibophezelo abanaso nabalingisi noma abasebenzi balo mdlalo.
Imidlalo efana neMuvhango ne7de Laan kusanda kuvela ukuthi nayo ike yaba nezinkinga zemali okuholele ekutheni bangaholi abasebenzi nabalingisi ngesikhathi.