BAWAPHENDULE ize amakhaza abeshubisa umnkantsha abantu baseDundee bezitika ngobumnandi kwiDundee July.
Umcimbi usuneminyaka ewu-18 wasungulwa, ubuseNdumeni Racecourse, budebuduze nedolobha iDundee ngoMgqibelo.
Izithameli zomcimbi zizitike ngombukiso wengqephu ekuseni, emini zathola ithuba lokubuka amahhashi etelebhela lapho kunqobe khona, uLindani Dube waseMpumalanga obegibele ihhashi, u-Alpha & Omega, emjahweni omkhulu wokugcina kwiDundee July.
UDube ukhale wemuka nesamba sikaR300 000. Ebusuku badele ubuthongo bazijabulisa ngomculo kwiDundee July Experience ebise Battlefields.
Kubaculi abebenandisa kubalwa uBig Zulu, Dladla Mshunqisi, Khuzani, Tzozo nabanye.
Abathandi bemfashini kabasalanga ngaphandle njengoba bekukhona nezintokazi ebezingonobuhle nezincwasimende zezinsizwa ebezibanga isicoco sikaswenka.
Obashaye bonke amakhanda konobuhle kube nguNonjabulo Geshane waseMgungundlovu, kwathi ezinsizweni kwaphuma phambili uMthunzi Mthembu waseThekwini. Bobabili bathole u-R10 000 umuntu ngamunye.
UNonjabulo uthe kufezeke iphupho, wabonga nomthungi wengqephu ebeyigqokile uNandi Mkhize. Uthe kuyamjabulisa ukuthi uzoya eGoli eyomela iKwaZulu-Natal kwiJohannesburg Fashion Fair Show kulo nyaka.
"Mina bekungokokuqala ngikulo mqhudelwano. Kuyangithokozisa ukuthi ngikhethwe kuthiwe nginqobile. Lokhu kusho lukhulu kimi. Kuyangigqugquzela ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla," kusho yena.
UMthunzi yena uthe selokhu aqala ukungenela iDundee July ngonyaka u-2014, kuyamujabulisa ukuthi egcine enqobile.
"Njengamanje ngiphelelwa ngamazwi, angazi nanokuthi ngithini. Mina ngingumuntu oyiphilayo imfashini futhi ngisebenza kanzima nsuku zonke. Ngibonga uMdali nabakithi," kusho uMthunzi ngenjabulo.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uthe kumjabulisile ukubona izinkumbi zabantu zihambele iDundee July. Utghe bayaziqhenya bewumnyango ngamathuba emisebenzi adalekile ngomcimbi.
"Sijabule kakhulu ukubona lo mcimbi ukuthi usukhule ngale ndlela. Ngikhuluma nje umcimbi uwodwa wakhe amathuba emisebenzi angaphezu kuka-10 000.
Abantu abaphumelele (ukuza) kulo mcimbi bangaphezu kuka-35 000, futhi isifunda uMzinyathi sizosala nemali elinganiselwa kuR50 million," kuchaza uMahlaba.
IMeya yesifunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, ithe abantu bakhombise ukuwuthakasela umcimbi, yafakazela nokuthi osomabhizinisi bendawo basizakale kakhulu.