ISILOMO somculi uKelly Khumalo nengwazi ye-kwaito u-Arthur Mafokate basuse ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngezithombe zabo bendawonye.
U-Arthur ufake isithombe kwi-Instagram ebambe uKelly ngoSuku lweziThandani. Besingenambhalo ngaphandle kwezinhliziyo ezibomvu ezimbili.
NoKelly ufake esakhe bebukana emehleweni no-Arthur.
“Isazozalwa le tsotsi ezosihlukanisa!” kubhala uKelly.
Kusuke igidigidi ezinkundleni zokuxhumana abantu beqagela ukuthi bayathandana yini.
Imizamo yokubathola igcine ingaphumelelanga.
Ucingo luka-Arthur belukhala lungabanjwa. Izolo uphinde wafaka esinye isithombe bebambene ngezandla noKelly sebengasafakile izingubo ezifana nezakulezi ezinye izithombe abebezinamekile.
Isolezwe lithole ukuthi bebeqopha i-video yengoma engakaphumi.
Laba bobabili abaqali ukusebenza ndawonye njengoba ngo-2015 bakhipha ingoma ethi Nguwe Lo.
Ngaleso sikhathi kwakunezinkulumo zokuthi uKelly uzovala isikhala sikaChommie okuyinto u-Arthur ayichitha.
Abantu bebephawula ngezindlela ezingafani ngalezi zithombe.
“Uzofa wena sika lekhekhe,” kuphawula uMseleku kwi-Instagram.
U-Btshp uthe abamtshele ukuthi baqopha i-music video.
“Ngizwelana kakhulu nomndeni wakwaMafokate ngokulahlekelwa yindodana yawo u-Arthur. Ngiyazi ukuthi ubesho ukuthini kini. Ngizonigcina emicabangweni nasemithandazweni,” ubhale kanje uMams_john.
U-Theeetraveller uthe babukeka bejabule.
UBrndavaloyi uthe uKelly ungowesifazane oqine kunabo bonke abaziyo.
“Niyafanelana,” kusho uYangamapisa.