UQOPHE umlando uDJ Black Coffee ngoMgqibelo obenomcimbi wokuqala abezenzele wona eNew York, enkundleni enkulukazi iMedison Square Garden.
UBlack Coffee ubeqala ukwenza umcimbi ofana nalona, kodwa usezakhele igama emazweni ahlukene aphesheya, afana noSpain nalapho ake azinza khona.
Emcimbini wangoMgqibelo, uBlack Coffee, ubejabulisa abalandeli bakhe ngezingoma zakhe ezehlukene, nokuphinde kwabonakala ababukeli abebephume ngobuningi beyoxhasa leli ciko.
Osaziwayo okukhona kubo uMacG, Tbo Touch, Oskido neMajor League DJ’s bakwabakuleli abaveze ukuthi base-USA bayoxhasa uBlack Coffee, emcimbini wakhe.
Amathikithi alo mcimbi adayiswa aphela ngesikhashana esincane nokuyinto eyashayelwa izandla.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebelokhu bewafakile amanye ama-video akhombisa lapho uBlack Coffee abedlala khona.
Abebekhona nabebengekho bambongele uBlack Coffee ngendlela adlale ngayo kulo mcimbi.
U@ZiziphoDyubeni uthe: “Baze babuhle ubusuku, usifikisele ngezinyembezi izikhathi eziningi. Ngiphelelwa amazwi ngento esiyibonile ebusuku. Siyanibongela wena nethimba lakho”.
U@djsbu uthe: “Siyakubongela Bhuti. Siyabonga”.
U@sindiso_cecil uthe: “Siyakubongela bhuti Nathi, sibe nesikhathi esimnandi, umhlaba wonke uyabona”.