IQEMBU lesicathamiya eselike lazungeza umhlaba, iKholwa Brothers, ligubhe inyanga yabesifazane ngokubungaza owayeyiPhini likaMengameli kuleli, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, ngonqambothi lwengoma.
Leli qembu elizinze eNtuzuma lithe liqoke ukuhlonipha uNkk Mlambo-Ngcuka ngengoma ngenxa yamagalelo akhe nokufuna intsha yesifazane isike iphethini kuye.
Leli culo elisihloko sithi The Mlambo-Ngcuka likuthatha likubeke ngokusuka nokuhlala ngempilo nangemisebenzi emihle kaMlambo-Ngcuka njengoba esehambe waze waba nguMqondisi-Jikelele woPhiko lwabesifazane eNhlanganweni yeZizwe.
Okhulumela iKholwa Brothers uMthobisi Ndwandwe (20), uthe babone kusemqoka ukuba kuqhakanjiswe imisebenzi kaMlambo-Ngcuka esadla anhlamvana.
“Okusikhuthaze kakhulu wukuthi ngesikhathi sihambele e-USA ngo-2018, sathi uma sifika eNew York sahambela amahhovisi e-United Nations lapho safica igama lakhe liphezulu ezikhulwini eziphethe kulesiya sikhungo. Yikho lokhu esakuhlanganisa neminye imisebenzi aseyenzele isizwe sakithi saze siqamba ingoma. Uyijabulele kakhulu le ngoma emva kokuyilalela. Yiyo le ngoma nathi esihlonipha ngayo iqhaza labesifazane.”
Ekhuluma esiteshini sethelevishini i-eNCA ngokohlelo lwezobuchwepheshe eseNew York, uNkk Mlambo-Ngcuka, ubebonakala echachamba nasebusweni ngesikhathi esekhuluma ngalo mklomelo awunikezwe yiKholwa Brothers.
“Lokhu kuyinhlonipho enkulu engiyithatha njengenhlonipho yabo bonke abantu besifazane ngenyanga yabo. Ngibonga kakhulu kwiKholwa Brothers ngokungihlonipha ngeculo engilithatha njengelingikhuthazayo nelikhombisa ukuhlanganisa imindeni ngoba ukuhlangana kwemindeni kwakha isizwe esiphumelelayo nesinenqubekela phambili,” kuphetha uNkk Mlambo-Ngcuka.
Umholi nomsunguli waleli qembu, uDerrick Mlambo, uthe le ngoma izokhishwa ngokusemthethweni ekupheleni kuka-Agasti.
Akukhona okokuqala iKholwa Brothers iqhakambisa abantu nezindawo zakuleli ngomculo wayo.
Eminyakeni eyedlule yaqamba ingoma ethi Woza Ethekwini, lapho yayiqhakambisa khona ubuhle beTheku. Yaqhubeka yabungaza iSilo Samabandla ngengoma eyayithi Hlanga Lomhlabathi, othisha ngethi Sibonga Othisha, izindawo ezingaphansi kwesifunda saseMgungundlovu ngethi Two Sheleni nethi Africa My Continent.