BAZOBONGWA ngekhonsathi abantu abasha baKwaZulu-Natal ababhalisele ukuvota okhethweni lukazwelonke olungonyaka ozayo ngesikhathi kunomkhankaso, i#X_Change, weGround Work Collective, ohambele amadolobha ahlukene emasontweni adlule.
IGround Work Collective yinhlangano yokufukula umphakathi esungulwe ngowayengusopolitiki weDA, uMbali Ntuli.
Emasontweni edlule, ngokubambisana neCitizensZA, Independent Electoral Commisision, Futurelect nabanye, ihambele eThekwini, KwaDukuza naseMgungundlovu, igqugquzela abantu abasha ukuthi babhalisele ukuvota.
Kuthiwa babe ngaphezu kuka-6 000 abantu ababhalisele ukuvota ezindaweni ezingu-20 abazihambelile kanjalo na-online.
Ngokubhalisa kwabo, bazibeke ethubeni lokuhlomula ngamathikithi ahamba ngamabili kwangu-500 akhishiwe ekhonsathi.
Ikhonsathi izoba seThe Warehouse, enkabeni yeTheku, ngoMgqibelo.
Kuzobe kunandisa u-Ami Faku, Dlala Thukzin, Sha Sha, Que DJ, DJ Wobbly, Xola TSM noPRVIS3.
Kuthiwa kuzokhethwa noma yimaphi amagama abasanda kubhalisela ukuvota kube yiwo abawinayo futhi amathikithi ngeke adayiswe ndawo enjalo awukwazi ukuwadlulisela komunye.
UMbali uthe i-#X_Change Concert Xperience iza ngemuva kokuhambela izindawo ezingu-20 esifundazweni begqugquzela abantu abasha ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuveza izimvo zabo.
“Siyabonga ukuthi basizwile futhi manje sebezibeke ethubeni lokuhlomula ngamathikithi ekhonsathi lomculo elingakaze libonwe. Sikubheke ngabomvu ukunikeza abathandi bomculo inkundla lapho bezojabulela khona umculo wasekhaya nabanye abantu abasha abafana nabo asebezinikele ngokuthi bazoveza izimvo zabo okhethweni ngonyaka ozayo,” kusho uMbali.
Uthe lokhu kuwukusonga isigaba sokuqala somkhankaso futhi basazohambela nezinye izindawo ezweni begqugquzela abanye abantu abasha.