UHLELA ukwenza iziqu zobudokotela umfundi ongowokufika kuleli, odabule ngo-A ezifundweni eziyisishiyagalombili, kweziyisishiyagalolunye abezenza eMevamhlophe High, eMpangeni.
U-Anna Amuli (19) wase-DRC, uthi ukungalithathi ikhefu uma esesikoleni yikhona okumsizile ukuthi enze kahle kwa-matric.
Uthi bekuthi uma kuyisikhathi sekhefu, ahambe ayobuza kothisha uma kukhona angakuqondisisi kahle.
“Bengihlale ngiziphusha ukuthi ngifuna ukwenza kahle ezifundweni zami. Bengixhumana nothisha njalo ngesikhathi sekhefu lokudla ngiyobuza lapho engisuke ngingaqondisisi kahle khona,” kuchaza u-Anna.
Uqhube wathi wafika kulesi sikole ezokwenza u-Grade 10, ekade efunda ngesiNgisi.
“Ngifike ngizofunda isiZulu njengolimi lwebele, ekubeni ngingeyena umZulu, ngisuka eCongo. Ngazalelwa eCongo, ngafika eSouth Africa ngineminyaka emithathu kuphela,” kulandisa u-Anna.
Uthe ubenezinselelo esiZulwini kodwa lokhu akuzange kumthene amandla.
“Bengigqugquzeleka ukuthi ngizikhandle ngoba bengihlele ukwenza kahle ezifundweni zami. Kuthele izithelo ukusebenza kanzima kwami.”
Uthole o-A kwi-Dramatic Arts, Geography, Life Sciences, Physical Sciences, Maths, LO, Accounting nakwi-English.
“Ngilinde izimpendulo zokuthi bayangamukela yini eNyuvesi iWits lapho ngafaka khona isicelo sokufundela ezobudokotela. Ngihlose nokuthola umfundaze ongangisiza ngikwazi ukuqhuba izifundo zami ngoba abazali bami ngeke babe nemali yokungiqhuba.”
Uthe unina unendwo yokucwala izinwele ngakho ngeke akwazi ukumkhokhela imali yokwenza lezi ziqu. Uveze nokuthi akanabo nobuzwe bakuleli ngenxa yokushoda ngemali.
Ubonge ithuba lokuthola imfundo kuleli njengoba enze kahle kwa-matric.
Waphetha ngokuthi noma kuthiwa uqhamuka kuliphi izwe uyakwazi ukufeza amaphupho akho.
Lesi sikole esisemakhaya sihlale senza kahle kwa-matric nakulokhu sizitholela o-100%.