BABHOBOKA ngokwabahlanganisa abaculi baseBergville, kulo nyaka abakhiphe ingoma eshisa izikhotha ethi Mbayimbayi balandela nge-albhamu ethi Ukhamba, uSjava noBig Zulu abaziwa ngeleZinkabi Zezwe.
Bazokhuluma okokuqala ngokwabahlanganisa ohlelweni oluyiqophamlando oluzoba neziqephu eziyisithupha oluthi, Inkabi Zezwe: The Making of Ukhamba.
Lolu hlelo lukhonjiswa kwiSABC1 ngo-9.
UCaroline Phalakatshela waseSABC, umeme wonke umuntu ukuthi azobuka udaba lwalezi zinsizwa njengoba zizothatha zibabeke abalandeli bazo ngokwazenza zahlangana.
“Uhlelo lolu oluzoveza kusuka beqala ukuhlangana, basebenza ngokwehlukana kuze kube baba nobudlelwano obaholela ekutheni baze baqale iqembu okuyimanje lenza kahle kuleli endimeni yomculo. Ingoma yabo yokuqala akekho ongazi ukuthi yagila izimanga ngakho noma ubani uyafisa ukuthi bakhulume ngokuthi bayiqamba kanjani kwaze kwafinyelela ekutheni babe ne-albhamu,” kuchaza uCaroline.
Uthe leli qophamlando lizobheka izinkolelo abakholelwa kuzona, umlando weqembu ukuthi ubheke kuphi nokuthi umsuka wabo ngokwehlukana emculweni waqala kanjani.
“Siyazi ukuthi basuka edolobheni elilodwa iBergville, kodwa siyakholelwa ekutheni kuningi abantu abangakwazi ngalaba bobabili. Sesikubheke ngabomvu ukuzwa ukuthi ikusasa njengeqembu liphetheni. Laba bobabili ngaleli qembu sebewenzile umlando, futhi sibheke ngabomvu ukuzwa ukuthi baphezu kwani manje.”
Imizamo yokuthola uSjava noBig Zulu ayiphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezingabanjwa.
Kwenzeka lokhu nje, leli qembu belihambela amadolobha ahlukene kuleli, lijabulisa abalandeli.