ABAHLELI bamaSouth African Music Awards (Sama) bathi bazokwenza konke okusemandleni ukuze babungaze abaculi ngaphezu kokuhoxiswa koxhaso lwezigidi abebezoluthola ngokusingatha umcimbi eThekwini, ngoNovemba.
AmaSama okuzoba ngaka-29 nonyaka, bekulindeleke ukuthi abe seThekwini maphakathi nenyanga ezayo. Abe sematheni ngemuva kokuvela ukuthi azoxhaswa ngezigidi ukuze abe KwaZulu-Natal, iminyaka emithathu ezayo.
Izolo, uSiboniso Duma onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, umemezele ukuthi ngeke besawuxhasa umcimbi.
Isikhulu seRecording Industry of South Africa (RiSA), eyengamele amaSama, uNhlanhla Sibisi, engxoxweni ekhethekile esibe nayo naleli phephandaba izolo, sithe bazokwenza konke okusemandleni ukuze angahoxiswa.
“Noma ngabe kwenzakalani ngisho nale politiki ekhona kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukwenza isiqiniseko sokuthi siyababungaza abaculi. Sizokwenza konke ukubungaza abaculi baseNingizimu Afrika,” kusho uSibisi.
Uthe basanda kuzwa ukuthi uxhaso luyahoxiswa.
“Sinenkontileka nomnyango ngakho kuzomele sihlale phansi sizwe ukuthi kwenzakaleni nokuthi indlela eya phambili ithini. Asinamininingwane eminingi njengamanje ngakho kuzoba kuhle ukuthi sizwe ngabo. Sihlela ukuba nomhlangano ukuze sizoqonda kahle ukuthi yini imbangela yale nto,” kusho uSibisi.
Uthe uzwile kukhulunywa ukuthi inkulu imali abebezoxhaswa ngayo kodwa ufuna ukukubeka kucace ukuthi akuwona uR53 million noma uR28 million.
Uthe ngeke aze aveze ukuthi yimalini ngoba ehlonipha inkontileka abanayo kodwa umnyango yiwo ozodalula. Uthe nakuMasipala weTheku bebengeke bathole imali ewukheshi kodwa bebezoxhaswa ngendawo okuzosingathwa kuyo umcimbi.
“AmaSama wumcimbi omkhulu. ESun City nje, indawo yokulala iyodwa idla imali elinganiselwa kuR6 million. Kumele siqashele amaciko azonandisa kanjalo naqokiwe, sebebebonke ababa ngaphezu kuka-150. Amabhanoyi nezokuthutha nakho kuyabiza. Izindleko eziningi ziba kubaqokiwe ngoba ngeke kumele ubabize bonke. Kumele babe khona emcimbini.
“Okunye wukudla, uyabona ukuthi leyo mali iyela kuR8 million manje. Isiteji, i-sound system, amalambu nokukhiqiza kushaya kuR12 million. AmaSama ayaziqhenya ngokuba nesiteji esiwubukhazikhazi. Uyabona ke lapho ukuthi uR20 million usudlulile. Kukhona nezinye izindleko njengezokukhangisa ezenza imali ibe ngaphezu kukaR30 million,” kuchaza uSibisi.
Uqhube wathi yonke le mali bebengayifunanga kuhulumeni waKwaZulu-Natal ngoba banabo abanye abaxhasi. Uthe imali yomnyango isiza kakhulu ezindlekweni zabaqokiwe.
“Kumele sikhokhele abawinile nabaculayo. KumaGrammy abazikhokheli zonke lezo zinto. Ukube kunjalo ngabe izindleko eziningi nakithi azikho. Kubuhlungu ukuthi abantu babheke ukuthi basinike malini kodwa abacabangi ukuthi uma kuza amaSama kusala malini, edolobheni kuza abantu abangaki.
“Uma sithi kuza abantu abangu-5 000 umuntu ngayedwa ezochitha imali elinganiselwa kuR20 000, iningi esalayo. Thina nje sisodwa bese siqashe izindawo zokulala ezingu350. Uma uzokwengeza nezizoqashwa ngabanye ziyafika ku1 000. Iningi inzuzo ngokusingatha amaSama.
“Okunye okubuhlungu ukuthi emicimbini yezobuciko inakwa kakhulu kodwa eminye ayinakwa. Ngebhadi sisesikhathini sokhetho ngakho abantu babheka ukusebenzisa imicimbi yezobuciko ukuthola abantu abasha. Thina asihlangene nepolitiki. Siwumcimbi oneminyaka engu-29 esiwenzela abaculi.”