UMSAKAZI owethula uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiMetro FM, uDJ Sabby, uthi ubona sengathi isifundazwe iFree State, kasinakiwe ngasemkhakheni wezokuvakasha. Wathi yingakho ezoba yingxenye yomcimbi ohlelwe ukuba khona maduze.
UDJ Sabby udalule lokhu ngesikhathi kwethulwa umcimbi iBlack Door Experience ozokuba ngoDisemba 16, eRamblers Club, eBloemfontein.
Kulo mcimbi kuzobe kunandisa uSamthing Soweto, uSjava, noShimza nabanye.
"Ngihlale ngibona sengathi iFree State, kayinakwa uma kukhulunywa ngezokuvakasha eNingizimu Afrika. Mkhulu umlando nezindawo ezibalulekile kulesi sifundazwe," kusho uSabby.
Uthe umcimbi uzogqugquzela ezokuvakasha esifundazweni futhi bahlose ukuheha abantu abasuka kwezinye izindawo zakuleli.
Omunye wabahleli bomcimbi uNkokheli Lindazwe, uthe banobudlelwano bokusebenzisana neMTV Base, bathemba ukuthi buzohlomulisa amaciko esifundazwe ngoba bafuna anikezwe ithuba ezinhlelweni ezinjeNewish.
Amathikithi omcimbi aseqalile ukudayisa eComputicket naseWebtickets, kanti aqala kuR250 kuya phezulu.