ABAHLELI bomcimbi wokuvala unyaka i-Last Dance Music Festival ezoba seRoyal Showgrounds, eMgungundlovu kusasa, bafuna ukuthi ingagcini ngokuba wumcimbi wobumnandi kuphela kodwa iphinde ithuthukise abaculi bendawo nosomabhizinisi.
Lokhu kushiwo wumhleli walo mcimbi ogubha iminyaka ewu-15, uSipho Ndaba, njengoba bebesingethe ingqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo nenhlolokhono eCity Hall, ngoMgqibelo.
“Inhloso yethu enkulu ngomcimbi wukuthuthukisa nokugqamisa abaculi abasafufusa ngokubanikeza indawo lapho abangazibonakalisa khona. Sifuna nokukhangisa ngoMgungundlovu ukuze osomabhizinisi bendawo nomphakathi bazuze kube nozinzo kwezomnotho ngokuthi kuheheke abatshalimali. Ngonyaka odlule nje, kungene imali elinganiselwa ku-R92 million ngqo nangezinye izindlela ngokuba khona kweLast Dance,” kusho uSipho.
Uthe abaculi ababathola kwinhlolokhono bazoqala bacule kwi-picnic ezoba ngoJanuwari 1, e-Alexandra Park.
“Kuzothi ngonyaka ozayo bese becula esiteji esikhulu se-Last Dance. Kulo nyaka abaqala kwi-picnic esinabo kwiLast Dance bayisikhombisa. Ngendlela abaphuma ngayo abaculi sicabanga ukuthi mhlawumbe ngonyaka ozayo ingqungquthela nenhlolokhono sizokwenza kube yizinsuku ezimbili,” kubeka uSipho.
Abaculi bendawo abazocula kwi-Last Dance kulo nyaka abaqala kwi-picnic ngoFey M, Londi Mkhize, King N, Praddo Wama-2K, Leekay & Redline, Persurah noDJ Khayzinho.
Bazobe beshiyelana inkundla nabadumile okungoSjava, Zee Nxumalo, Dlala Thukzin, Mthandeni SK, Mawhoo, Usimamane, Aymos, Blaq Major, Khuzani, Gatsheni, Focalistic, Goldmax, Bassie, eMtee, Ayanda Ntanzi, Jumbo, Babes Wodumo, DJ Happy Gal nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe nguSiphesihle Vazi, Zanele Potelwa, Mroza, Njinji, Luyanda M noJustice Kubheka.
Amasango azovulwa ngo-3 ntambama. Umcimbi uzosakazwa bukhoma kwiSABC 1 kusuka ngo-9 ebusuku.
USipho uthe amathikithi asabiza imali efanayo nanyakenye okuwu-R200 i-General no-R700 i-VIP.
Ukungena ne-coolerbox wu-R100 ngaphezulu. Amathikithi atholakala eTicketpro naseSpar.