BASWELE imilomo yokubonga abomndeni womsakazi woKhozi FM, ongasekho u-Irvin Sihlophe, ngemva kokugcinwa kwesethembiso esenziwa ngabalingani bakhe.
Lokhu kwenzeka ngemva kokuthi ithimba leVukile ebeliholwa nguPastor Mjosty, lihambele umndeni wakwaSihlophe liyokwethula ingxenye yomnikelo abayiwuze emcimbini walo nyaka.
UNsindiso, umfowabo omncane ka-Irvin, uthe babonga ukuthi ngisho engasekho umfowabo kodwa abangani bakhe bakwazile ukuzobabheka.
“Kuyintokozo kakhulu kithi siwumndeni, leli thimba lisasikhumbula yize umfowethu engasekho. Bangifukamele kakhulu mina kusuka u-Irvin adlula emhlabeni. Ezintweni ezikanjena abangani bathembisa izulu nomhlaba bagcine bengawunaki umndeni womuntu ongasekho. Kodwa ukubona leli thimba eliphuma kwabeVukile liza ekhaya lizosibheka ukuthi sinjani kuyajabulisa. Nathi siyabona ukuthi abasilahlile ngoba kulo nyaka bengisethimbeni elihlela umcimbi, nakwezinye izinto ebezenziwa ngumfowethu basangibambe ngesandla futhi bayangikhombisa ukuthi bekwenziwa kanjani,” kuchaza uNsindiso, etusa isenzo sabeVukile.
Uthe uyafisa abantu baqhubeke nokuxhasa ifesdtiveli yomculo wokholo ehlelwa yiVukile, ukuya phambili ukuze igama likamfowabo lingapheli kuwo.
“U-Irvin ubewusizo kakhulu emndenini, ngakho impilo ibingeke ibe lula. Kodwa isenzo sethimba lonke singikhombisile ukuthi singalilahli ithemba sisazophila, angibongeli mina kuphela kodwa umndeni wonke. Siyazi futhi siyabona ukuthi siyohlala siyingxenye yalo mcimbi bangakuyeki abasenzele khona,” kuchaza yena.
UMjosty uthe bebengeke bathembise umndeni kaSihlophe into abangeke bayigcine.
“USihlophe ubengumfowethu, lo mcimbi ngawuqala naye. Ngakho akulula ukuthi konke esikwenzile kule minyaka kube yize leze. Lokhu engakuthembisa umndeni ngizokwenza uma nje lo mcimbi usaqhubeka. Ngiyabonga kubafowethu esisebenze nabo kulo nyaka kulo mcimbi ngiyathemba nangonyaka ozayo konke kuzohamba ngendlela esihlelile,” kuchaza uMjosty.