IMINDENI yakwaMhlongo neyakwaMthethwa ithi isivumelene ngesinqumo sokuthatha izinyathelo zomthetho umdlalo iShaka Ilembe, okunezinhlelo zokuthi ukhonjiswe kwiMzansi Magic.
UMhlathuze Mhlongo, oyilungu lomndeni weNdlovukazi uNandi ongunina weLembe uShaka, uthi sebeziqalile izingxoxo nommeli wabo ngenhloso yokubopha abalo mdlalo.
“Sesikhulume kakhulu ngendaba yalo mdlalo, sikhala ngendlela abenza ngayo abanikazi bawo. Bafika kithina basiqopha, sibachazela ngomlando kaNandi neLembe. Saze sabayisa kuzona zonke izindawo ezithinta umlando. Okusiphatha kabi wukuthi bathathe isinqumo sokuthi bayowuqopha eGoli, bashiya indawo okwahlala kuyona uNandi neLembe. Okwesibili, wukuthi sebekucacisile ukuthi akukho lutho esizokuthola ngokuthi basebenzise umlando kaNandi noweLembe. Okukudlula konke lokho wukuthi sebeyasibalekela, abasafuni ngisho ukubamba izingcingo zethu uma sibashayela ucingo. Lokho kwenza kucace ukuthi bafuna ukwenza imali ngomlando wethu, thina singatholi lutho,” kusho uMhlongo.
Uthe okunye asebekutholile wukuthi kukhona lapho okuphanjaniswe khona umlando wabo emdlalweni, abathi kuzogcina udwebe isithombe okungesona ngoNandi neLembe.
UPhila Mthethwa, okuyilapho okwakhula khona iLembe, uthe bahlukumezekile ngesenzo sabalo mdlalo.
“Sekuyoxazulula yona inkantolo ngoba abanikazi bawo bayasibalekela. Sathathwa sayiswa eBallito, ukuyoxoxa ngomlando kaNandi neLembe. Uma sebekutholile abakufunayo sebeyasibalekela. Ngokusho kwabo akukho esizokuthola ukuthuthukisa umndeni kaNandi neLembe. Nathi abakwaMthethwa esikhulise iLembe uShaka, akukho esizokuhlomula ekubeni benza imali ngegama lakhe. Uma beqhubeka nawo umdlalo, sesiyohlangana enkantolo. Sisebenza ngokubambisana nabakwaMhlongo kulolu daba futhi sizosebenzisa ummeli oyedwa,” kusho uMthethwa.
Umnikazi womdlalo ongumphathi weThe Bomb, u-Angus Gibson akatholakalanga ukuphawula. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Umyalezo athunyelwe wona nawo akawuphendulanga.
Kulo mdlalo kulingisa phambili uNomzamo Mbatha, Lemogang Tsipa noSenzo Radebe. Akukakacaci ukuthi uzoqala nini ukukhonjiswa kwithelevishini.