UMCULI kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose ugonyuluke ngathe kwakwenziwa ngabadidiyeli bohlelo lwethelevishini ngempilo yakhe, athi babemtshela enze okuthize ukuze uhlelo lwakhe lube nomsoco, luncintisane nolukazakwabo.
UKhuzani usanda kudalula ukuthi ukweletwa imali yinkampani kaLegend Manqele, iBarleader, ngohlelo olwaludlala kwiSABC 1 oluthi Khuzani bo!
Uthe uthole ukuthi iSABC seyayikhokhela inkampani eyenza uhlelo lwakhe kodwa umnikazi wenkampani uLegend akakamkhokheli ngokugcwele, uthi usalindile.
Ngakolunye uhlangothi, uLegend uveze ubufakazi bokuthi wakhokhela uKhuzani uR300 000 waveza nezinsolo zokuthi kwakunzima ukusebenza noKhuzani emsola ngokuqamba amanga ohlelweni ngezinto ezithinta umndeni wakhe, intombi nokukhokha ilobolo.
UKhuzani exoxa neSolezweizolo uthe akufunayo yimali yakhe kuphela hhayi izinkulumo, waveza ukuthi ukhokhelwe uR350 000, sekushoda uR250 000, njengokwesithembiso.
“Kwathi ma ngikhuluma naye ngifuna imali wathi ungowakwaManqele yena, mina ngaba yisilima ngokuthi ngisebenze nomuntu wakwaManqele, ngingamthemba kanjani ekubeni ngilwa nomuntu wakwaManqele. Wathi umndeni udlula yonke into futhi uzosebenzisa konke ukugibeza owakubo ekhanda,” kusho uKhuzani.
UKhuzani usole no-Ayanda Melansi woKhozi FM ngokusebenzisa igama lesiteshi ukwenza imisebenzi yakhe eseceleni efana nalo uhlelo ngempilo yakhe uKhuzani. Uthe u-Ayanda wamema uLegend ohlelweni lwasekuseni kuKhozi FM ngoJuni 17 ngo-2020 ngoba enenhloso yokusebenza noLegend kulolu hlelo iKhuzani bo!.
“Wasitshela ukuthi uzoshayela ucingo uLegend amfake kuKhozi ukuze uhlelo lwami lwenzeke.”
Ukuchithile ukuthi wayeveza impilo engamanga ohlelweni wathi yena wayetshelwa nguLegend no-Ayanda njengabadidiyeli okumele akwenze.
“Ngabatshela ukuthi mabaveze umsebenzi wami. Wanqaba ukuveza uhambo lwaseDubai neJele (iculo lakhe) alinayo i-video ngoba bangivimba bathi bazongenzela.
“Ngabona ukuthi uLegend yisigebengu uma ngithola ukuthi akuyona inkampani yakhe eyayenza uhlelo ngoba ethi iBarleader igama layo libonakala nakoMzansi Magic.”
Uthe uma uhlelo lungenzanga kahle kumele bazinuke bona amakhwapha ngoba yena wabatshela okumele kwenziwe kodwa bakunqaba.
“Ungayiqopha kanjani into engamanga? Akaveze ubufakazi. Njengoba ethi ngidinga udokotela wengqondo futhi ngangisabisa abasebenzi uyaganga. Sidinga imali thina.
“Okungicasulayo wukuthi babesebenza bedakiwe kanti mina angibuphuzi utshwala base bebona sengathi ngiyababhora (bona) bedla amaSavanna. Kwangicasula ukusebenza nabo.”
Uthe laba bamsebenzisa ukuhlangana nabantu abahlukene ngoba befuna amabhizinisi kubo benza sengathi kwenzelwa uhlelo.
“Babefuna ukungehlisa isithunzi. Babengazifuni izinto ezazizokwenza ukuthi uhlelo luthandeke. Bathi angixabane nabantu ngiveze ukuthi ngiyacasuka, ngihambe ngishaya abantu.
“U-Ayanda wangibuza nokuthi ayikho yini intombazane engiyikhulelisile noma angithole engizoyikhulelisa bese ngiyihlanganisa nomaqondana ukuze kube nenxushunxushu,” kusho uKhuzani othe uhlelo lukaMthandeni babelubuka ngaphambi kokuthi ludlale ukuze babone ukuthi luqoshwe kanjani.
Uthe bezikhona izinhlelo zesizini yesibili neyesithathu kodwa lokho ngeke kusenzeka.
Ukuphawula kweSABC kugcine kungatholakalanga njengoba ingayiphendulanga imibuzo ethunyelwe yona.
U-Ayanda uzichithile izinsolo zikaKhuzani wathi yena uqashwe njengetoho kuKhozi futhi uvumelekile ukwenza eminye imisebenzi eseceleni.
Uthe nguLegend oweza kuye ngombono wohlelo.
“Angiboni ukuthi ithelevishini nomsakazo kuhlanganaphi. Kusho ukuthi bonke abayitoho mabangayithathi imisebenzi eseceleni yokuphatha uhlelo emicimbini?
“Akasho noma yini afisa ukuyisho ngeke ngilwe naye esidlangaleni. Kuningi okuphambene akwenzile kimi kodwa angikaze ngikuveze emphakathini kodwa ngikhuluma naye ngqo,” kusho u-Ayanda.
Uthe akukho azokuphawula ngohlelo ngoba inkampani eyayimqashile iphawulile.
UKhuzani uthe useludlulisele kubameli udaba lombango wemali nomnikazi wohlelo.
Isolezwe lizamile ukuthola ukuphawula kukaLegend ngokushiwo uKhuzani kodwa wathi ngeke esaqhubeka nokunqakisana ngamazwi noKhuzani.