UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
SIYASHUBA isimo uma uZibulo, ingane yokuqala kaNtombi, ifika kungazelele kwaMthembu. USibusiso uncokola noSibahle phambi komuntu omdala. ULwazi kumele athathe isinqumo esikhulu kodwa uGabi wenza impilo ibe nzima kuneyikho. USibahle utshela uNdlovu ukuthi kumele ajwayele isimo esisha. UMabusi ubhekene nenkinga uma kufika umalume wakhe egula kodwa enemininingwane engase ixazulule inkinga esibahluphe iminyaka. UMaZungu ubuza izinhloso zikaSbu ngoSbahle. USiphamandla ukhetha ukusiza isitha sikaMaMzobe. USibusiso usothandweni futhi uthatha isinyathelo.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
U-ONA ukhipha ithimba ukuthi liyojabulela ukudayisa kahle ngenxa yemisiko kaNeo esiphenduke inyama. UShoki (Shalate Sekhabi) wamukela uPalesa ethimbeni futhi ukubeka kucace ukuthi ingxabano isiphelile. UHarriet ubuza uMsizi ngokumziba futhi uyamtshela ukuthi yize isimo singesihle phakathi kwabo kodwa unomsebenzi wokuchitha isikhathi no-Ayanda. UMsizi uyasamukela isimemo sokuyodla isidlo sasebusuku. U-Ona uvuleleka kuShoki ngemizwa yakhe kuNeo futhi uShoki umeluleka ngokuthi avumele isimo futhi abone kuphelelaphi.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwi-SABC2
U-SUSAN ucela usizo kuMuvhango ukuthi amphosele iso kuShaz ngesikhathi eqinisekisa ukuthi iqiniso ngokuqamba amanga ngokukhulelwa kwakhe aliveli. UNomvula utshela uSakhile ngokubuya kungazelele kukaKhalema (Nicholas Nkuna) futhi uxwayisa ngokuthi engayithi vu ngokuvakasha kukaKhalema kuDkt Ximba. U-Azwindini unxusa uJames ukuthi azame ubufakazi obubambekayo ngoTeboho. UTeboho uphaphama ephupha ngoKhalema futhi uJames umphazamisa esacabanga. UMuvhango uyachaza ukuthi uDJ uthathe usofa ngoba efuna inkokhelo yakhe ephelele nokucasula uNdwakhulu noVhutshilo.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwi-SABC1
UPELE wenza umngani azibuze ngemizwa yakhe yangempela. UKea akaboni ukuthi umndeni wakhe uthunga itulo engazi. Yini uShadawoman aphezu kwayo manje? UKamogela uyacasuka uma echithwa njengengane. U-Anathi uthola isimemo sesidlo sasebusuku futhi akazi kukhona okungaphezulu. UJack wenza indodakazi yakhe ikholwe efuna ukukukholwa. UNozipho akaphathekile kahle ngokuqamba amanga kumzala wakhe. Ukucasuka kukaFikile kuqubula imibuzo. U-R50 million imali enkulu ukuthi ungayinqaba… UKea akakhululeki ngokuzwana kwendodana yakhe nomfowabo. UPele utshela u-Anathi angafuni ukukuzwa.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
USIPHO uzama ukuthuthukisa itekisi yakhe kodwa isikhulu sakhe sifuna ukugculiseka. Iqhinga likaBabekazi liba nezinkinga. UNkunzi uphoxa uNkazimulo. UThuso Motaung namaTeens basakaza bukhoma esikoleni. IShlobos iyavumelana ngombono wesikhangiso. UZaza ucabanga ukuyozama inhlanhla kwinhlolokhono. UHawu ufuna ukubuya ekhaya. UThuso Motaung uyavalalisa eKMash. UMbatha uvakashelwa yiShlobos engalindele, ifuna usizo.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
INDODA izama ngayo yonke indlela yokuphuma uma ibona ukuthi isisenkingeni. UMdala uyashaqeka ukubona ubuso obusha kwakhe. UTaps kumele ahambise izindaba ezimbi. Abasebenzi bayakhathazeka ngekusasa labo uma kuqinisekiswa amahlebezi. Owesilisa osemncane uyabuza ngempilo yakhe uma ezwa ubuhlungu esikhaleni. UTaps uthatha isinqumo esinzima. Abesifazane ababili bayahluleka ngokuchaza ngobudlelwano babo. UNtuthuko usephelelwe amaqhinga futhi uphoqeleka ukuthi afune usizo esimweni esihlambalazayo. Okutholwa wuMaDlomo kuqinisekisa ukuthi uNhloso usebuyele ezenzweni zakhe zakudala.