UMCULI kamaskandi, uFikile "Boneni" Magubane, uqokwe waba ngomunye wezikhulu zomqhudelwano wezindondo, iSouth African Volunteers Awards.
UBoneni ubhekene nokuxhumanisa abagqugquzeli bomncintiswano nabemithombo yezindaba ngenxa yokuba nekhono lokukhuluma izilimi eziningi zakuleli.
Uthe ukujabulele ukunikezwa ingqayizivele yethuba kumaSava, okuwumqhudelwano anezindondo zawo ezimbili.
"Ngesikhathi bengithinta ngalo msebenzi nokuthi inhloso yabo wukuqhubeka nephupho lomsunguli wamaSava, uDkt Bhekisisa Ngcobo, ngijabule kakhulu. Ngizosebenza ngokuzikhandla ukuze babone ukuthi abenzanga iphutha ngokungisondeza eduze kwabo."
Uthe inkonyane izobe ingathuki isisinga njengoba eseke wawenza umsebenzi emicimbini eminingi, okubalwa kuyo iThe Voice.
UBoneni waduma ngenoni elithi Izigi nelithi Bayigqozile futhi wake waqumba phansi uZahara noCandy Tsamandebele kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards futhi waqwaqwada uBuselaphi noBonakele kuMantshontsho Kamaskandi Awards ngo-2012, emunxeni weBest Female Artist.
Akasagcini ngokucula kuphela kodwa ubuye alingise nasemidlalweni yethelevishini, okubalwa kuyo, UNikiwe neRhythm City.
Oyisikhulu samaSava, uNonhlanhla "Mdonso" Ngcobo, uthe babambe ufishi omkhulu ngoBoneni ngoba uyazazi izinto eziningi.
Ufanise uBoneni njengomunye wabantu abawumgogodla wamaSava abeke kakhulu ithemba kubo.
Uthe amaSava, aseke ahlonipha noMntwana waKwaPhidangene. Uthe abuye ngezinkani futhi ziningi izinguquko ezizoba khona ezizothokozisa abantu abazowangenela njengoba indondo seyizohambisana nemali.
Esephetha uMdonso uthe kulindeleke ukuba amaSava athulwe ngokusemthethweni eGarden Court Hotel, eThekwini ngoLwesihlanu oluzayo.
Unxuse abadinga ukuthola imininingwane egcwele bangene ezinkundleni zokuxhumana ezibhalwe ukuthi South African Volunteers Awards.