ABALANDELI beqembu likamaskandi Amageza Amahle yibo abacele ukuthi leli qembu liqophe bukhoma i-albhamu yalo.
Lokhu kuvezwe yinduna yabalandeli beqembu, uVeloh Bhengu, njengoba leli qembu lilungiselela ukuqopha bukhoma.
Umcimbi kuhlelwe ukuthi ube sePlayhouse, eThekwini, ngoJuni 1.
“Umcimbi ngowokuqopha bukhoma i-albhamu neDVD. Amageza kuyaziwa ukuthi ayakwazi ukucula bukhoma ngakho kube yisicelo sabalandeli ukuthi i-albhamu elandelayo bayiqophe bukhoma,” kusho uVeloh.
Uthe iVillage Events ephethe iqembu yiyo ezokhokhela izindleko zokuqopha.
Uqhube wathi iqembu lizobe lishaya izingoma ezintsha kuphela.
“Kungenzeka lishaye ezimbili noma ezintathu ezazishaywa yiNdidane nezazithandwa kakhulu,” kusho uVeloh.
Uthe umcimbi uzoqala ngo-6 kuya ku-10 ebusuku kodwa kungenzeka isikhathi baselule ngoba kunesikhalo.
Amathikithi azoqala maduze ukutholakala ePick * ’ Pay ngoR150 kuya kuR300.
“Uma nihamba ningu-10 nizowathola ngoR100.”
Amageza asanda kukhipha i-albhamu entsha ethi, Izodlal’ifilimu.
Umholi weqembu uPotso “Commander” Ngobese unxenxe abantu ukuthi bafike bezozibonela bukhoma beqopha.
“Ngicela uphume uzobona into engeyokuqala nami ngizobe ngiqala ukuyenza. Angikaze ngiqophe mina bukhoma, ngihlale ngiya eDowntown (e-studio). Kodwa laphaya kuzobe kungekho mshini ozobe ungenabukelisa. Ngizobe ngithatha bukhoma,” kusho uPotso kwi-video.
Amanye amaqembu ake aqopha bukhoma kubalwa kuwo Izingqongqo ezibunjwe nguMfiliseni Magubane noJaiva Zimnike.