AHAMBA njengoba kuhleliwe amalungiselo omcimbi iThe Music Imbizo ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngo-Agasti 29 kuya kuSepthemba 2.
Umhleli womcimbi uSphe Mbhele, uthe konke kumi ngomumo ngomcimbi okuzoba ngoka-15 nonyaka.
"Uma usendimeni yomculo futhi ufuna ukuhlangana nabantu abasemkhakheni ofanayo ufuna nokukhula, kumele usondele. Imbizo ikuhlanganisa nabantu abafanele ngoba kuzobe kukhona nabadidiyeli bomculo beziteshi zomsakazo, njengeRadio 2000 abazolalela (futhi) bakhiphe nezaluleko," kusho uSphe.
Uthe nabafuna ukuqonda kabanzi ngebhizinisi lomculo kumele bathamele.
Uqhube wathi okuningi kuzobe kwenzeka e-ICC kodwa nakwezinye izindawo bazobe benezinto abazenzayo.
"Sinombukiso wamafilimu oqale ngonyaka odlule. Sinamafilimu ayisishiyagalombili. Sizovula ngekaJoseph Shabalala ngo-Agasti 19 kodwa kuzobe kungena abamenyiwe kuphela. Amanye azokhonjiswa eBin and Bistro ePhoyinti naseKZNSA Gallery eGlenwood," kuchaza uSphe.
Uthe e-ICC bazobe benezigcawu, okukhona kuzo ezokubhala umculo ezizobe ziholwa nguNana Atta noYanga Chief, kuzoba nezokufunda ukudidiyela nokunye.
Izindawo ezisetshenziselwa izinto ezahlukene, njengamakhonsathi omculo, kukhona kuzo iThe Warehouse, Stable Theatre neThe Chairman.
Kuzobe kunandisa abaculi, okubalwa kubo i-Afrosoul, Umle nabanye.
Umcimbi uxhaswe yi-Independent Media, uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, iNational Arts Council, Presidential Employment Stimulus, National Film and Video Foundation neCentre of Creative Arts College.
Amathikithi adayisa eWebtickets.