ABACULI bokholo bathincinci kamjoli ngomcimbi wokugoqa unyaka ozoqala ukuba khona kulo nyaka, iMayine Crossover Gospel Experience ozoba se-ICC, eThekwini, ngoDisemba 31.
Kuleli dili lomcimbi kuboshelwe abaculi abahlukene okukhona kubo uBenjamin Dube, Sbu Noah, Jumbo, Joyous Celebration, Xolly Mncwango, Rebecca Malophe, Dr Tumi, Lusanda Beja nabanye.
Kusuka emasontweni amabili adlule, abahleli balo mcimbi bebehambela izikole nezikhungo eziphakeme zemfundo njengoba bekukhulekelwa abafundi nezitshudeni njengoba kuqalwa ukubhalwa namhlanje.
NgoLwesihlanu abanye babaculi abayobe benandisa kulo mcimbi, bebehambisana nabahleli behambele esikhungweni semfundo ephakeme i-UKZN ophikweni oluseHoward. Kulaba baculi abebekhona kubalwa uSbu Noah, Hlengiwe Mhlaba, Sniezy nabanye. Bashiye abafundi bekhexile ngemiyalezo nezingoma asebezakhele udumo ngazo.
Akugcinanga bona, noLinda Sibiya noSizwe Mdlalose abebephethe uhlelo, nabo ubungafunga ukuthi abefundisi abadala njengoba bebededela izinkulumo ezakhayo ukubuyisa ithemba kule ntsha.
USbu Noah ngaphambi kokuthi aqale, uthe uyajabula ukuba yingxenye yabaculi abazonandisa kulo mcimbi, wanxenxa abafundi ukuthi beze kuwo ukuze bahlukanise unyaka ngendlela ehlukile.
“Ngiyathemba sonke sobe sikhona kulo mcimbi. Ngiwuthandile umcimbi ofana nalona njengoba singenayo imicimbi yalolu hlobo, uma singena enyakeni omusha,” kusho uSbu ngamafuphi.
NoHlengiwe Mhlaba usho okufanayo, wathi umcimbi ofana nalona uyadingeka unyaka nonyaka.
USane Mbambo osethimbeni elihlela lo mcimbi, uthe abantu abaphuthume bazitholele amathikithi njengoba nakubo sekuvela ukuthi abantu bayawathenga.
“Akhona amathikithi eWeb ticket nasePick n Pay aqala ku-R350 aze aphele ku-R1500. Siyabonga kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme nezikole esisebenzisane nazo sikhulekela abafundi. NgoLwesihlanu siyoyivala eMangosuthu eMlaza, bese siqala sihambela amabandla ahlukene,” kuchaza uSane.