I-SABC icasule abahleli bemiklomelo yezindondo amaSouth African Traditional Music Awards (Satma), ngokungayivezi le miklomelo kwiSABC 1, njengoba kuthiwa kunesivumelwano salokho.
Bekulindeleke ukuthi amaSatma okuwumcimbi obungeledlule eDCC, eThekwini, usakazwe kwiSABC 1, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku. Kunokuthi kukhonjiswe le miklomelo ebingakaze isakazwe, kuvele kwasakazwa imiklomelo yezindondo amaSAMA ayevele ekhonjiswa bukhoma ngesikhathi kuqhuba lo mcimbi.
AbamaSatma babekade bememezele ukuthi umcimbi uzosakazwa ngalolu suku. Bese benze nesimemezelo ngisho nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi uzokhonjiswa kwithelevishini ukuze abangafikanga kuwona babone okwakwenzeka ngelanga lo mcimbi.
Emva kokuthi sekucacile ukuthi awasakazwa, abale miklomelo bakhiphe isitatimende bekhala ngokwenzekayo.
Esitatimendeni bebebhale ukuthi: “Sibonile ukuthi ama-18th Satma Awards awasakazwanga yiSABC 1, esibambisene nayo ngoDisemba 23, njengoba sasivumelene. Sizoxhumana neSABC ukuthi isinike incazelo ngalokhu. Siyaxolisa kakhulu kubathandi bomculo wesintu nabangabalandeli abakhulu bamaSatma,” kusho isitatimende.
Kuthintwa uKeletso Dlamini osophikweni lwezokuxhumana kumaSatma, uthe kunomhlangano abazoba nawo neSABC, ukuze bathole incazelo bese bekhipha usuku olusha lokukhonjiswa kwemiklomelo yezindondo.
“Sidumele ngokwenzekile. Okubuhlungu ukuthi abantu basishayela izingcingo nxazonke befuna ukwazi ukuthi kwenzekeni njengoba bebelindele ukuthi babone imiklomelo njengesivumelwano neSABC,” kusho uKeletso.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, ubethembise ukuphendula ngalezi zinsolo, waqinisekisa ukuthi uyitholile imibuzo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ucingo lwakhe engasalubambi.