INKAKHA yomculi kamaskandi engenye yamajaji kaShuni Womhlaba okuwuhlelo lokuvundulula ikhono olusakazwa kwiSABC1, uPhuzekhemisi, ithe abayingeni eyomuntu ohlambalazayo nongahloniphi ngesikhathi senhlolokhono.
Lokhu ukusho njengoba inhlolokhono yalolu hlelo isePlayhouse, eThekwini, namhlanje.
Kuyona uyijaji ngokubambisana noBig Zulu, Sho Madjozi noMsaki. Abaphatha uhlelo kuyona uMandla "Njinji Wami" Magwaza woKhozi FM noMpumi Mlambo odume ngelikaMsakazi kwiMetro FM.
Ukuvundululwa kwamakhono kusetshenziswa lolu hlelo, kuqale ukusakazwa kwithelevishini ngoJulayi 7.
UPhuzekhemisi uthe sebehambele izindawo ezehlukene okukhona kuzona iMai Mai, eGoli, i-Eastern Cape neMpumalanga njengoba sebeKwaZulu-Natal manje.
“Ezindaweni esizihambelile sibone ukuthi ezindaweni eziningi abantu bazimisele. Lapho kuke kwaba nezinkingana khona ikwaMai Mai. Abantu bebefika ubona nje ukuthi abazilungiselelanga ukuthi beze kwinhlolokhono. Abanye ubungathi baqale ezindaweni zobumnandi kanti abanye ububona nje ukuthi bathuke bezithela kwinhlolokhono basale sebengena. Kwezinye izindawo sithole ukuthi bazilungiselele kakhulu futhi bazimisele. Sesibheke iKwaZulu-Natal manje engenye yezifundazwe ezaziwayo ukuthi nayo iyazimisela kakhulu uma kuza kwezobuciko,” kusho uPhuzekhemisi.
Uthe akufundile ngale nhlolokhono ukuthi akuthathwa noma ngubani kodwa kubhekwa umuntu ozimisele ngampela ngomculo.
“Akuyi ngokuthi unemali eningi bese ungena estudiyo uyoqopha njengoba sekwenza abantu abaningi. Kumele ube ngumuntu ozimisele ngempela ngomculo. Lokhu kungenxa yokuthi iSABC ayizimisele ngokuthi kuthathwe noma ngubani ongezokhombisa ukuba nenhlonipho nohlambalazayo. Ithi ifuna umuntu engeke isabe ngaye ngelinye ilanga ukuthi ayomela iNingizimu Afrika emiklomelweni yezindondo amaGrammy. Kungayiphatha kabi ukuthi umuntu ovundululwe yiyona kube umuntu ongahloniphi nohlambalazayo,” usho kanje.
UMandla Magwaza ongomunye wabaphathi bohlelo kule nhlolokhono, uthe usababaza ikhono lentsha yase-Eastern Cape neyaseMpumalanga. Uthe manje usebheke iKZN akholwa ukuthi nayo izogila izimanga. Inhlolokhono yakulesi sifundazwe izoqala namhlanje iqhubeke nakusasa.
Kule sizini kuvundululwa ikhono eminxeni yomculo ehlukene okukhona kuyona uMaskandi, Mbhaqanga, Isicathamiya, Afro-pop nomculo wesintu.