ABABHALI bezincwadi abasafufusa bathole ingqayizivele yethuba lokuncela embeleni ogwansile ngesikhathi bethamele inkundla yokucobelelana ngolwazi mayelana nokuguqulwa kwencwadi ibe yifilimu noma umdlalo wethelevishini.
Le nkundla eyingxenye ye-Articulate Africa 2024 eqhubekayo, ibisingathwe yiDurban Film Office, eNatural Science Museum, eThekwini, izolo.
Phakathi kwababhali asebenohlonze ebebecobelela ngolwazi ozakwabo abasafufusa kubalwa uDudu Busani wodumo lwencwadi esihloko sithi Hlomu The Wife, uCynthia Jele wencwadi esihloko sithi Happiness Is A Four-Letter Word, u-Angela Makholwa wencwadi esihloko sithi Red Ink noGugu Kunene womsebenzi osihloko sithi A Lighter Side of Robben Island.
Umrepha, okunguye obephethe uhlelo, uZuluboy, uthe ukuguqulwa kwencwadi ibe yifilimu kuyasiza ngoba ababukeli bayathanda ukuthenga incwadi emuva kokubukela ifilimu esuselwe kuyo.
No-Angela uthe kuyasiza ukuguqulwa kwencwadi uma ungeke uphucwe amalungelo akho njengombhali.
Ingwazi yomxoxi wezinganekwane odume umhlaba wonke, uGcina Mhlophe, ululeke ababhali abasakhasa ukuba banganqeni ukuxhumana nabahleli okuyibo abazokucathulisa ekubhaleni incwadi.
"Khona akusiyo into emnandi ukuhlala phansi nomhleli akulungisele okubhalile."
Ubuye wakhuthaza ababhali ukuba bangakunqeni ukusebenzisana nabanye ozakwabo ekubhaleni umsebenzi owodwa ngoba abantu baqala lapho ulwazi ngekhono lakho.
"Ugcina sewubonwa nangabanye abantu," kusho uGcina.
Uthe ingabikhona kahle imali kulo mkhakha ngenxa yokuthi abanye abashicileli bebengongoqo.
"Kuze kudingeke kubekhona okulwelayo ukuze uthole imali yama-royalties. Kodwa bakhona abakukhokhelayo uma kunemali engenayo ngomsebenzi wakho," kuphetha uGcina obehleli nezithameli.
UDudu, owake wabhalela Isolezwe, uthe imali ayikabibikho kahle kule ndima ngenxa yokuthi ababhali basakholelwa ukuthi lo msebenzi uwenza ngothando nangobizo.
"Bakhona abayenzayo imali, nabangayenzi. Kuya ngempumelelo yakho."
UCynthia uthe imali yama-royalties umbhali uyithola ngokuthi wayevumelene ngaliphi iphesenti nomshicileli wencwadi. Uthe kuyenzeka uma incwadi yenze uR100 bese umbhali ethola uR10.
UDudu uthe kusemqoka ukuba umbhali abandakanye abameli uma ezokwenza isivumelwano nabadidiyeli bomdlalo ofuna ukuguqula incwadi yakho.
"Yize kubiza kodwa kusemqoka."
Kunxuswe ababhali ukuba bajoyine izinhlangano ezizobacija.
Abanye ebebehambele lo mcimbi ngumlingisi uPortia Ncwane, umlingisi uMjimiseni Magubane, usomahlaya uSimphiwe Shembe nomdidiyeli wamafilimu, uHappines Mpiase.