UVUMILE ukuthi usephelelwa amazwi njengoba iqembu lakhe lisaqhubeka nokulahla amaphuzu kwi-United Rugby Championship (URC) umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.
Lo mqeqeshi wamukelwa ngenhlokomo ngaphambi kokuqala kwesizini kwazise iningi labalandeli beSharks belibona sengathi uzokwazi ukuhlanganisa abadlali abanamagama abathengwe yileli qembu eminyakeni edlule.
Kodwa izinto zibukeka zibheda kakhulu kunakuqala njengoba iSharks isasemsileni kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Emdlalweni wakamuva liguqiswe yi-Emirates Lions ngo 20-18 eHollywoodbets Kings Park ngempelasonto edlule. Okushaqise kakhulu kulokhu ngokuhlulwa koShaka, wukuthi kuyiwe ekhefini behamba phambili ngo 18-3.
“Kukhona okwenzekayo eqenjini okumele sikulungise. Sonke siyakubona lokho. Izinto zihamba kahle phakathi nesonto uma silungiselela umdlalo kodwa siyahluleka ukuvuka uma sesingaphansi kwengcindezi emidlalweni. Asikwazi ukuthatha izinqumo eziphusile uma singaphansi kwengcindezi,” usho kanje lo mqeqeshi ephawula ngemuva komdlalo neLions.
“Akukhona ukuthi asisebenzi ngokuzikhandla ngokwanele. Sizoqhubeka nokulwa. Ngiyazi ukuthi iningi labantu lizosigxeka kodwa kufanele sibumbane njengeqembu.
“Uma ungumqeqeshi uyayizwa ingcindezi uma iqembu lingenzi kahle. Yinto ejwayelekile leyo. Sonke siyazama futhi sizoqhubeka nokwenza konke okusemandleni ukuze siphume kulolu bishi.”
EzikaPlumtree zizoke zikhohlwe yizinsizi ze-URCm, zibheke umqhudelwano ohlukile, i-Challenge Cup, lapho zizoqhuthana ne-Oyonnax yaseFrance, eKings Park ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Kulo mqhudelwano iSharks isidlale imidlalo emibili. Iwuvule ngokuxebula elinye iqembu laseFrance, iSection Paloise, ngo 45-5, kodwa kwayibhedela kolandelayo inqotshwa yiToyota Free State Cheetahs ngo 32-29 ekuhambeni.
UPlumtree uthe usazoqhubeka nokuzama ukuthola izisombululo kodwa waphinde waphonsela abadlali abanamava inselelo yokuthi kube yibona abaqinisa abadlali abasebancane idolo emidlalweni ezayo.
Phakathi kwabadlali okubhekwe ukuthi bafukule iqembu kukhona ukaputeni uLukhanyo Am, Eben Etzebeth, Makazole Mapimpi, Ox Nche, nabanye abanqobe iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko ngasekupheleni konyaka odlule.
“Sengikhathele ukuchaza ukuthi kungani iqembu lihlulwa. Sekuyisikhathi sokuthi abaholi bagqame. Angazi ukuthi yini ezokwenza abadlali bathokozele ukudlala futhi. Kuzoba nzima ukuvuka ngemuva kokuhlulwa ngalolu hlobo,” uqhube kanje.
“Engikwaziyo ukuthi ukuqala isonto elisha kuyithuba lokuqala kabusha. Ngeke kube lula kodwa kufanele sithole indlela yokuvuka sizithathe. Akukho okunye esingakwenza.”
I-Oyonnax isemsileni eqoqweni leSharks kwiChallenge Cup, uPool 1, ngephuzu elilodwa emidlalweni emibili.
Ngesikhathi ibhentshi ligcwala umoya kuSean Everitt ngoNovemba ka-2022 iSharks yayinqobe imidlalo emithathu, yahlulwa kwemithathu kwi-URC. Isipikili sokugcina kwaba ukubhudluzwa yiCardiff ngo 35-0 ekhaya.