UFUNA impinda umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, u-Innocent “Tycoon” Mantengu, ophunyukwe yithuba lokuwina ibhande laseNingizimu Afrika.
UMantengu waseMtubatuba, ulwe ngokulingana nomfana wendawo uThato Bonokoane empini yebhande le-SA Junior Featherweight elingaphethwe muntu eKagiso Memorial & Recreation Centre, eKrugersdorp, ngoMgqibelo ebusuku.
Nakuba bekubukeka uMantengu kunguyena ophonse izibhakela eziningi kunembangi yakhe kodwa amajaji womathathu agcine ehlulekile ukubona ibhokisa elinqobile. Agcine eyahlulele ngo 112-116, 116-112 no 114-114.
Bekungokokuqala uMantengu, osezinze eGauteng, ethola ithuba lokulwela ibhande lakuleli kusukela eqale isibhakela esikhokhelayo. Kuvele ukuthi uthwale kanzima ukwenza isisindo esifanele ngaphambi kwempi.
Kudingeke ukuthi ayogijima ngesikhathi sekukalwa abashayisibhakela ngoLwesihlanu ukuze aqhubeke nokulwela ibhande. Nokho eringini ukhombise ukuba bukhali njengokwejwayelekile, exina uBonokoane ngomhlokolozo nezibhakela ezizwelayo emzimbeni.
Emuva kwempi uMantengu uthe ufuna impi ibuyele eringini.
“Akukho okuningi engingakusho ngempi. Kuningi akwenzile kule mpi. Kungaba mnandi uma singalwa impinda. Ayiphindwe le mpi,” kusho uMantengu.
UBonokoane naye uhambe emazwini kaMantengu.
“Ngijabule ngendlela engilwe ngayo. Bengingathanda ukugoduka nalo ibhande kodwa lo muntu unginike impi enzima. Ngingathanda ukuphinda naye.”
Ukungahlulwa kukaMantengu kusindise ibhande lakhe le-International Boxing Federation (IBF) Africa ebelikade lizomphunyuka ukuba ukhale ngaphansi kuBonokoane. Usevele ukhonjwe ngenjumbane yile nhlangano ngokuthi kufanele alivikele. I-IBF iyabavumela ompetha bayo ukulwela amanye amabhande inqobo nje uma bengeke bahlulwe kwazise ayifuni ukuba nompetha ohluliwe. Uma umpetha ehluliwe iyamephuca ibhande layo.