UMQEQESHI weMaritzburg United u-Eric Tinkler, uthi akukho nokuncane okuyiphutha okwenziwe uSiyanda “Magazi” Xulu okuholele ekutheni amphuce ibhande kodwa ukwenze lokhu ngoba efuna ukususa umthwalo osemahlombe akhe.
Emidlalweni emibili yakamuva yeTeam Of Choice eyidlale ngaphansi kukaTinkler, uXulu ubengalifakile ibhande, kodwa seligqokwe u-Brian Onyango odlala noXulu emuva. Lokhu kwenza kube nemibuzo kwabaningi ukuthi ngabe kungani isimo sesishintshile kwazise ngaphansi kukaFadlu Davids noMuhsin Ertugral, bekunguXulu ohola iqembu.
Empeleni uXulu akafiki nokuphatha ibhande njengoba wayengukaputeni weMamelodi Sundowns kwi-2009 Under-19 Metropolitan Premier Cup eyayise- Erica Park, eBelhar eKapa. Ngaleso sikhathi wayeqeqeshwa uDan Malesela ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo eNingizimu Afrika.
Ngokuthola kweSolezwe, uTinkler uqale ngokuba nomhlangano noXulu.
“Kube khona usuku uTinkler afika ngalo kuqala enkundleni ngaphambi kokuba iqembu liziqeqeshe ezinkundleni ezingaphandle kancane kweHarry Gwala Stadium. Ubizele eceleni uXulu wambuza ukuthi uhlala kuphi. UXulu waveza ukuthi uhlala eThekwini, nokungamnamisanga neze uTinkler ngoba uhlala kude nabadlali,” kusho umthombo.
Emdlalweni wokuqala weMaritzburg eshaywe kuwona iBidvest Wits ngo 1-0 (ngaphansi kukaTinkler), * -Onyango uyena owaba ngukaputeni. Kanjalo nasemdlalweni wePolokwane City abawunqobe ngo 3-1 eHarry Gwala Stadium ngeledlule, kube nguyena lo mdlali wase-Kenya obegaxe ibhande.
“U-Onyango uyena osengukaputeni weqembu kuze kuphele isizini. Akukho okuphambene okwenziwe uXulu ngoba ngithe uma ngixoxa naye ngezwa ukuthi unengcindezi, ngakho ngifuna ukumkhulula ukuze azihluphe ngokudlala kuphela. Uzokhumbula ukuthi ungumdlali weqembu lesizwe iBafana Bafana ngokunjalo, ngakho kuningi okusemqondweni wakhe. Angingabazi ukuthi uma esebheke into eyodwa, nendlela yakhe yokudlala izoshintsha kakhulu,” usho kanje uTinkler ecacisa.
Ebuzwa ukuthi kungani ekhethe ukunika * -Onyango ibhande, uTinkler uthe: “Ngokwesimo esikusona, isipiliyoni nokuvuthwa nguyena engimbona efanelwe yilo mthwalo wokuhola iqembu. Okunye engikubonile ukuthi uyakwazi ukuxhumana nabo bonke abantu eqenjini nokuyinto engicabanga ukuthi siyayidinga kakhulu njengamanje."
Umdlalo olandelayo weMaritzburg kwi-Absa Premiership, izowudlala neCape Town City, ngoFebhuwari 23 eKapa.