UMQEQESHI weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, ukholwa wukuthi iqembu lakhe lizokuthokozela ukuhlala inyanga lingadlali ngemuva kwemidlalo enzima ebilandelana.
ISharks iphinde yazibeka endaweni engcono kwi-United rugby Championship ngoMgqibelo, iqumba phansi iMunster ngo 41-24 eHollywoodbets Kings Park Stadium.
Ama-try eSharks ashaywe u-Aphelele Fassi, Makazole Mapimpi Grant Williams, Andre Estethuizen noVincent Tshituka kulo mdlalo obuthanyelwe ngabalandeli abangaphezu kuka-19 000.
Lo mphumela ubeke iqembu likaPlumtree endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni emihlanu.
“Kuhle ukunqoba imidlalo ilandelana ekhaya. Okwenze kwaba wumdlalo okhethekile wukuthi nabalandeli bethu bebephume ngobuningi. Besilokhu sinesu lokuthola amaphuzu. Ngijabule ngabadlali, bekuwumzamo omuhle,” kusho uPlumtree.
“Ngicabanga ukuthi sidlale umbhoxo osezingeni eliphezulu. Besikhonya phambili nokwenze ukuthi abadlali basemuva bahlasele ngokukhululeka. Asidlalanga umdlalo ongenamaphuthai, siwenzile kodwa umfutho ebesinawo ukhombise ukuthi sifuna ukuthi leli qembu libe kuliphi izinga.”
ISharks izobuyela enkundleni ngoNovemba 30, lapho izodudulana khona neDHL Stormers eKings Park.
Yize abanye abadlali beSharks bezophumula emasontweni azayo kodwa iningi labo lizobe liyingxenye yamaBhokobhoko azodlala imidlalo emithathu phesheya neScotland, England neWales.
“Siyawulangazelela umdlalo omkhulu wabakhaya neStormers kodwa muningi umsebenzi okufanele wenziwe ngaphambi kwalokho. Kunemidlalo emithathu yamaBhokobhoko esiyibheke ngabomvu, sizokhathazeka ngokuzokwenzeka ekupheleni kukaNovemba uma isikhathi sesifikile,” kusho uPlumtree.
ISharks neBulls yiwona amaqembu akuleli anqobile ngempelasonto kwi-URC. IBulls inqobe iBenetton yase-Italy ngo 17-15. IStormers ishaywe yiGlasgow Warriors ngo 28-17 kwathi iLions yanqotshwa yiLeinster ngo 24-6.
IBulls isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-19 emidlaweni emihlanu. ILions isendaweni yesine ngamaphuzu angu-18, kuthi iStormers ibesendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-10.