I-ORLANDO Pirates yandise izinkinga zeMaritzburg United inqoba ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu.
UMonapule Saleng, osefomini enhle, uqhubekile nokukhombisa ukuba ngumdlali iqembu lePirates elingathembela kuye. Lo mdlali ube yiqhawe ngokushaya igoli lokuqala ngesiwombe sokuqala, waphinda waba ngumvusi wenyamazane kwelesibili ngesiwombe sesibili.
Okuqaphelekile esikimini sePirates esiqale umdlalo ukuqala umdlalo kukaThembinkosi Lorch, obuya ekulimaleni, nakuba engawuqedanga umdlalo ephuma ngesiwombe sesibili esethe ukuthinteka kancane.
IPirates ebiphezulu ngomdlalo kusukela ngesiwombe sokuqala. Ukucindezela kwayo ngamandla kuthele izithelo sekusele kancane ziye ekhefini ngenkathi uSaleng eqhulula inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi, wasala enkemile unozinti weMaritzburg, uRenaldo Leaner, ngomzuzu ka-44.
Ngesiwombe sesibili iPirates iqhubekile nokucindezela, yize iMaritzburg ikhombise ukuba yiqembu elingcono ikakhulukazi emizuzwini ngamashumi amabili yokugcina.
Ingcwenga ye-free-kick kaSaleng ngomzuzu ka-71, ihlangane nekhanda likaTerrence Dzvukamanja labhajwa ezintanjeni kwaba ngu 2-0.
Kanti uKwame Peprah obolekiswe yiPirates kwiMaritzburg, ucishe watholela ezakhe igoli ngomzuzu ka-76 ngenkathi ibhola abelingqomfe ngekhanda likhishwa phezu kolayini wegoli wuThapelo Xoki, selimdlile unozinti uSipho Chaine.
Nokho iMaritzburg ebisivuke ime ngezinyawo, igcine ilitholile elokubika elokubika ekhaya ngenkathi uTumeleng Njoti. Lo mdlali udedele udalimede weshodi ngaphandle kancane kwebhokisi, walizwa ngendaba uChaine ngomzuzu ka-85.
Kulo mdlalo kubonakale okokuqala umgadli wePirates osanda kusayiniswa, uSouaibou Marou odabuka eCameroon, ongene endaweni kaSaleng ngomzuzu ka-81 umdlalo usuyophela.
Ukunqoba kweZimnyama lo mdlalo kuyibeke endaweni yesithathu kwi-log yePremiership ngemuva kweSupersport endaweni yesibil ngamaphuzu angu-31.
Kanti ukushaywa kweTeam of Choice kusho ukuqhubeka komshikashika wokuzimba izembe kwaleli qembu elisahleli endaweni ka-15.
Emdlalweni olandelayo eZimnyama zizotholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni obhekwe ngabomvu wePremiership eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ozayo ngo-3.30 ntambama.
Kanti iTeam of Choice emdlalweni wayo olandelayo izobhekana neSupersport United, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu oluzayo.