UKUBA nenqwaba yabadlali abengakhetha kubona ngesikhathi eqoka isikwati esizoya phesheya ngenyanga ezayo kube yisibusiso nenselelo kumqeqeshi weqembu lesizwe lombhoxo labesilisa uRassie Erasmus.
U-Erasmus ukhiphe uhlu lwabadlali abangu-34 azobasebenzisa emidlalweni emithathu amaBhokobhoko neScotland, England neWales.
Abaphambili, u-RG Snyman noFranco Mostert, nabasemuva u-Andre Esterhuizen no-Damian Willemse, babuyile eqenjini ngenxa yokuthi sebeluleme ngokuphelele.
“Kuyajabulisa ukuthi u-RG, Franco, Andre noDamian babuyele eqenjini. Kuyasijabulisa ukubona ukuthi bazoba namuphi umthelela enkundleni, ikakhulukazi ngemuva kokuphuthwa yiRugby Championship,” kusho u-Erasmus.
“UDamian, u-Andre no-RG babuye ngomfutho kwi-United Rugby Championship kanti sonke siyazi ukuthi uFranco ukhuthele kangakanani futhi ulithuthukisa kangakanani iqembu.
“Kusobala ukuthi baningi abadlali abebengangena esikwatini kodwa ngeshwa sikwazi ukukhetha abadlali abangu-34 kuphela. Lesi sikwati sihlanganise abadlali abasebasha nabanesipiliyoni. Iningi labo lizibonakalisile kumaBhokobhoko kulo nyaka.”
U-Erasmus uthe ulindele ukuthi imidlalo emithathu abazoyidlala phesheya ngenyanga ezayo inikeze iqembu lakhe izinselelo ezahlukene njengoba lisaqhubeka nokuziqinisa.
“Lolu hambo lwaphesheya luhlale luyisivivinyo esinzima ngoba thina sisuke siqeda isizini yethu kodwa sibhekene namaqembu asuke eqala eyawo. Kuhlale kunenselelo enhle kithina ngoba amaqembu esizobhekana nawo aphakathi kwahamba phambili emhlabeni futhi adlala uhlobo oluhlukile lombhoxo kunalolu ebesibhekene nalo kwiRugby Championship,” usho kanje.
“Siyakujabulela lokho ngoba kusivivinya ngendlela ehlukile futhi kusivumela ukuthi sikhule njengeqembu. Izimo esizodlala kuzona enyakatho nazo zihlukile, okuyinselelo entsha. Sikubheke ngabomvu ukuthi singakwazi yini ukwakhela phezu kwesizini enhle esibenayo.”
Isikwati samaBhokobhoko esizoya phesheya:
Abaphambili: Thomas du Toit, Vincent Koch, Frans Malherbe, Ox Nche, Gerhard Steenekamp, Malcolm Marx, Bongi Mbonambi, Eben Etzebeth, Franco Mostert, Ruan Nortje, RG Snyman, Pieter-Steph du Toit, Siya Kolisi, Elrigh Louw, Kwagga Smith, Marco van Staden, Jasper Wiese, Jan-Hendrik Wessels.
Abasemuva: Jaden Hendrikse, Cobus Reinach, Grant Williams, Manie Libbok, Handre Pollard, Lukhanyo Am, Damian de Allende, Andre Esterhuizen, Jesse Kriel, Kurt-Lee Arendse, Aphelele Fassi, Cheslin Kolbe, Willie le Roux, Makazole Mapimpi, Canan Moodie, Damian Willemse.