NAKUBA amaqembu akuleli engadlulelanga kowamanqamu emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ka-Kho-Kho oqhubekayo eNew Delhi, e-India, umqeqeshi weqembu labesilisa, uXolile Ndaba, ubonga uyanconcoza ngethuba lokumela uMzansi esigabeni somhlaba.
UNdaba usho kanje emuva kokuthi iqembu labesilisa aliholayo lishaywe yi-India ngo 64-42 emdlalweni owandulela owamanqamu ngoMgqbelo. Elabesifazane likhale ngaphansi kuyona i-India ngo 66-16 esigabeni esifanayo.
Ekhuluma neSolezwe ese-India, uNdaba, uthe ukufika kowandulela owamanqamu yinto enkulu kakhulu.
"Izwe silimele ngokuzikhandla okukhulu. Ukufika kuma semi-finals kukhombise ukuthi eMzansi Afrika siyakwazi ukuqhudelana namazwe, size sifinyelele kwamane aphezulu emhlabeni," kusho uNdaba.
Uthe iqembu lizimiselile kusukela imidlalo iqala futhi bafunde okuningi.
"Kuningi esikufundile ngokudlala ezingeni lomhlaba. Lokho kuzosisiza ukuze sigqugquzele abanye abadlali ukuthi bazimisele ngawo lo mdlalo ngoba usukhulile kakhulu. Iqembu lase-India lidlale kahle kakhulu ngaphandle kokuthi bebedlala ekhaya kodwa bakhombisile ukuba nesipiliyoni namava okudlala okubalwa kuwona indlela abadlala ngayo uma bebaleka kanye nokugcina imithetho yomdlalo."
"Sifunde okuningi kakhulu kule midlalo okunjengokuthi lapha eMzansi lo mdlalo siwudlalela endaweni engaphandle futhi sisebenzisa amakhokho, kanti ezingeni lomhlaba kudlalwa ngaphakathi (indoors) kuphinde kusetshenziswe amateku," ubeke kanje.
UNdaba ugcizelele ukuthi ulwazi aluthole kule midlalo uzoludlulisela kwabanye abaqeqeshi bakuleli ngenhloso yokuthi bathuthuke.
"Ngalolu lwazi ngizokhulisa abaqeqeshi bakuleli ukuze bekwazi ukuthi bakhiqize abadlali abazoyomela izwe eminyakeni ezayo. Abantu kuningi abangakulindela kuleli qembu njengoba emaningi amazwe aveze ukuthi ayafuna ukuzwana amandla nathi," uphethe kanje.
UVeze nokuthi njengomqeqeshi, maningi amathuba avulekile kuye ngokwenza kahle kweqembu koweNdebe yoMhlaba. Uthe njengoba lo mdlalo uthathwa njengophezulu e-India, amaqembu amaningi aveze ukuthi ayafisa ukuthi azowajoyina ku-Ultimate Kho-Kho League edlalwayo khona kuleliyazwe.
Kweyamanqamu yabesilisa nabesifazane, i-India izobhekana neNepal ngo-6 nango-7 ebusuku ngokwehlukana.