USALIBONA ithuba lokudla isicoco seligi ye-Absa Premiership umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, u-Abbubaker Mobara, okusabalele amahlebezi okuthi uzoshintshiselwa kwiBidvest Wits.
UMobara, elingakahlulwa iqembu emidlalweni emibili engukaputeni, ushaya into ecokeme esiswini seZimnyama ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uMilutin Sredojevic. Emdlalweni kaMobara wokuqala ehola iPirates ihlule iMamelodi Sundowns ngo 3-1 koweligi.
NgoMgqibelo ebusuku iPirates idlale ngokulingana ngo 1-1 nePolokwane City koweligi e-Orlando Stadium. Igoli lePirates lishaywe nguLyle Foster emuva kokuthi uDominic Chungwa ekade eseyibeke phambili.
Ngokuphuma nephuzu kulo mdlalo iPirates ilahlekelwe yithuba lokunyukela endaweni yesithathu kwi-log. Ngesizini edlule iPirates iqede ngaphandle kweTop 8 okwenze yayibukela ekhaya iMTN 8 ekuqaleni kweka-2017/2018. Lokhu kwenzeke ngesizini yokuqala kaMobara kweZimnyama esuka kwi-Ajax Cape Town.
“Ngeke sikufihle ukuthi sibe nesizini ebhedayo edlule. Esingakwenza kodwa ukwenza kangcono kule sizini futhi yilokho esikwenzayo. Abaqeqeshi abasha banezindlela ezintsha zokudlala. Kufanele sibambe lokhu abasifundisa khona sikwenze ensimini. Yilokho okubalulekile, sisebenza kanzima zonke izinsuku ukuze sizoba ngcono,” kusho uMobara.
“Eqinisweni umuzwa engiwuzwile ngesizini edlule awufani nangesikhathi ngisekwi-Ajax. Indlela iqembu eliyiyona, ubukhulu balo, awukwazi ukwamukela ukuthi alikho kwiTop 8 ekupheleni kwesizini. Kuyaphoxa eqenjini elikhulu njengaleli. Sizokushintsha lokho ngokuwina imidlalo, sijahe noma ubani ophezulu.
“Lokho ukwethemba iqembu, abadlali nabaqeqeshi abanakho. Yilokho esikholelwa kukho ukuthi kuzosisebenzela. Angikhulumi ngisho ngokuqeda singelinye lamaqembu amathathu aphezulu, ngikhuluma ngokuba phezulu futhi yilokho esifuna ukukulwela. Wonke umuntu ufuna ukuwina iligi. Ngisuka kwi-Ajax lapho ngawina iMTN8, iligi isohlwini lwezinto engizidingayo.”
Emuva kwesikhathi eside uSredojevic ethi usazama ukulakha iqembu libukeka selihlangana. Nokho lithwale kanzima ukuze lithole iphuzu kwiPolokwane. UMobara uwuphebezile umbuzo wayelana nemibiko yokufudukela kwiWits lapho kuthiwa uzoshintshana noXola “Ten Ten” Mlambo.
“Angicabangi ukuthi iPolokwane isiklinyile. Siyiqembu kufanele silandele imiyalelo ensimini. Kungenzeka ukuthi sizenzele thina ubunzima ngokungenelwa yigoli kusanda kuqala umdlalo kodwa iqembu liyalwa futhi besikholwa ukuthi kukhona esizophuma nakho kulo mdlalo. Ekugcineni siphume nakho,” kusho uMobara.