UMANQOBA “TV” Mngqithi, iphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uthi usekulungele ukuzimela acije noma yiliphi iqembu kulawo athathwa njengamakhulu.
UMngqithi, osesalelwe yiminyaka emibili kwinkontileka yakhe namaBrazilians, uthe usefunde lukhulu kuPitso “Jingles” Mosimane ocija Abafana Ba Style.
Ungumqeqeshi odabuka eMzimkhulu, owazakhela igama kwiLamontville Golden Arrows ngo-2009 enqoba isicoco seMTN 8 ngo 6-0 eshaya i-Ajax Cape Town kowamanqamu, uthe akafuni ukuthi uma eshiya kwiSundowns aqeqeshe iqembu elingenaso isifiso sokunqoba isicoco seligi. UMngqithi ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe ngesikhathi ehambele ePinetown Senior Primary School ngempelasonto.
“Ngesikhathi ngivuma ukujoyina iSundowns isizathu sokwenza lokho sasisinye, kwakuwukuthi ngifuna ukufunda konke ngezokuqeqesha. Ngangifuna ukuqonda kangcono ingcindezi yokunqoba isicoco seligi. Uzokhumbula ukuthi ukunqoba isicoco bekungeyona into engiyiqalayo ngoba ngikwenzile kwi-Arrows, kepha bengifuna ukwazi ukuthi isicoco seligi sinqotshwa kanjani nezingqinamba zakhona ngabe yiziphi. Nakuba ngisenenkontileka neSundowns kepha ngifuna ukulibeka ngembaba elokuthi uma ngisuka lapha sengifuna ukuzimela kwelinye lamaqembu anesifiso sokunqoba iligi. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuba ngikhombise ukuthi yini esengiyifundile kwiSundowns,” kusho uMngqithi.
Selokhu efike kwiSundowns uMngqithi usenqobe nayo isicoco seCAF Champions League, eseSuper Cup, ese-Absa Premiership kathathu, esisodwa seNedbank Cup neseTelkom Knockout. UMngqithi uthe usefunde lukhulu kuMosimane kule minyaka aseyisebenze naye. UMosimane usethathwa njengenkunzi esiluvava kwezokuqeqesha ngoba useke wasebenza nabaqeqeshi abahlonishwayo emhlabeni okubalwa kubona uCarlos Alberto Parreira noJoel Natalino Santana baseBrazil abe yiphini kubona kwiBafana Bafana. Ngaphandle nje kwalokho uMosimane usanda kuhlabana ngendondo yokuba ngumqeqeshi ovelele kwi-Absa Premiership ngesizini eyedlule ngemuva kokunqoba isicoco se-Absa Premiership nezakhe. Useke wakhala wemuka nendondo yomqeqeshi ovelele ezwenikazi i-Afrika ngemuva kokuthi ezakhe zinqobe isicoco seCaf Champions League ngo-2017.
“Angifuni ukuqamba amanga ngifunde lukhulu kuPitso. Okokuqala nje ngifunde ukuthi kumelwana kanjani nesikwati esikhulu esinabadlali abanethalente futhi abahlonishwayo. Uzokhumbula ukuthi uma unesikwati sabadlali abahlonishwayo ukuziphatha kwabo akufani. Babodwa abazithwalayo nokunye okuningi okungakudida umqondo uma ungenalwazi olwanele. Ngifundile ukuthi abadlali abanamagama umelana kanjani nabo uma sebesukwe yimikhuba yabo. Kungakho ngithi ngizibona sengikulungele ukuzihlola ibanga esengilihambile ikakhulukazi eqenjini elinesifiso sokunqoba iligi,” kusho uMngqithi ongafunanga ukwanda ngokuthi ubeshelwa yiKaizer Chiefs efuna ukuvala isikhala sikaSteve Komphela.