UMQEQESHI weChippa United, uClinton Larsen, uthi ufuna ukusayinisa injini ye-Orlando Pirates ebilizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule.
ULarsen utshele leli phephandaba ukuthi uzozama ngakho konke okusemandleni ukuthi athole uLinda “Figo” Mntambo ochithe isikhathi esiningi eyisibukeli kweZimnyama ngesizini esanda kusongwa ka-2018/2019.
UMntambo udlale imidlalo emihlanu kuphela kwiPirates kwi-Absa Premiership ngesizini edlule. I-Pirates ilale isibili kwi-log ngemuva kweMamelodi Sundowns enqobe lesi sicoco ihlandla lesishiyagalolunye.
UMntambo uvelile amahlandla ambalwa nakwiCAF Champions League. Esiswini ubebanga ijezi noMusa Nyatama, Ben Motshwari noXola Mlambo, ukusho abambalwa.
Phakathi kwamaqembu adlalelwe uMntambo ngaphambi kokusayina kwiBucs, yiRoses United, Jomo Cosmos neChippa ayishiye ngasekuphelile kwesizini ka-2017/2019.
ULarsen akakufihli ukuthi usenxenxe usihlalo weChilli Boys, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, ukuba acele abaphathi beBucs ukuthi bamboleke uMntambo ngoba vele akadlali kuleli qembu.
“Yebo, siyaxoxisana nePirates ngoMntambo. Ngikholelwa ekutheni uzosisiza kakhulu ngesizini ezayo ngenxa yebhola alidlalayo. Empeleni akuyena yedwa uMntambo esimfunayo kwiBucs, bakhona nabanye abadlali esisacela ukubolekwa bona kepha ngeke ngibadalule amagama ngenxa yokuthi lokho kungase kuphazamise izingxoxo. Kuningi esifuna ukukuzuza ngesizini ezayo ngoba sichithe ephelile sivika izembe,” kusho uLarsen.
IChippa iqede isizini kunombolo 12 ngamaphuzu angu-30, emidlalweni ewu-30.
Okunye obekungacaci yikusasa lakhe uqobo uLarsen, njengoba ayesayine inkontileka yezinyanga eziyisithupha ethatha umsebenzi ngasekuqaleni kwalo nyaka. Akuyona into efihlwayo ukuthi kwiChippa akuhlalwa, ngesikhathi ethi umqeqeshi uyaqala uyajwayela, ukhonjwa indlela nguMpengesi.
Nokho uLarsen uthe akayi ndawo, izingxoxo nabaphathi beChippa zihamba kahle kakhulu.
“Ngizohlala kwiChippa. Izingxoxo zethu zihamba kahle kakhulu, kusele izinto ezimbalwa okufanele sizixoxe bese ngiyasayina. Ngicabanga ukuthi liyophela isonto elizayo konke sekucacile. Nginamaphupho ngaleli qembu futhi angingabazi ukuthi azofezeka uma abadlali bekhombisa ukuzinikela ngendlela abenze ngayo ngesizini edlule,” kusho uLarsen.